INYUNYANA yabasebenzi bensimbi, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ithi ziyaqhubeka izingxoxo zokuzama ukuhlenga imisebenzi enkampanini yensimbi i-ArcelorMittal.
Ngonyaka odlule i-ArcelorMittal imemezele ukuthi izodiliza abasebenzi bayo abawu-3 500 eNewcastle, KwaZulu-Natal naseVereeniging, eGauteng.
UNkk Phakamile Hlubi-Majola, okhulumela iNumsa, uthe akakwazi ukudalula okuningi kodwa angakuqinisekisa ukuthi ziyaqhubeka izingxoxo zezinyunyana ne-ArcelorMittal.
“Siyaxoxa ne-ArcelorMittal. Engingakusho wukuthi sesihlale nabo kabili ezingxoxweni zokudiliza. Sizama konke okusemandleni ukuhlenga imisebenzi yabantu. Okwamanje akukho okuningi engingakudalula njengoba izingxoxo zisaqhubeka,” kusho uNkk Hlubi-Majola.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNumsa icele ukuba uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcitisana, uMnuz Ebrahim Patel angenelele ukuze kuhlengwe imisebenzi ewu-20 000 yezinye izimboni ezizoshayeka ngokuvalwa kwe-ArcelorMittal.
Kuleli sonto i-ArcelorMittal imemezele ukuthi ilindele ukuthi yehle imali eyingenisile, yathi imatasa nezingxoxo nezinhlaka ezihlukene okukhona kuzo uPatel, izinyunyana, iTransnet nabanye.
Ithe ayifuni ukuphathwa ngendlela ehlukile kunaleyo okuphethwe ngayo ezinye izinkampani kodwa ifuna uhulumeni alungise izikhalo zemboni yensimbi.
Mayelana nezinhlelo zokuvalwa kwezimboni eNewcastle naseVereeniging, i-ArcelorMittal ithe izobuye yenze esinye isimemezelo.
“Ukuhoxisa izinhlelo zokuvala imboni kudinga ukuzibophezela kwabanikazi befemu, abathengi bomkhiqizo ewenzayo, uhulumeni, izinkampani zikahulumeni nabasebenzi,” kusho i-ArcelorMittal embikweni wayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi le nkampani yathi iyavala ngenxa yezinkinga zikagesi, ezamaguzu athutha umkhiqizo wayo nesiminyaminya emachwebeni akuleli.