ZIZOQALA ukufundwa ngonyaka ozayo emazingeni aphansi ezikoleni zakuleli izifundo ezintsha ezizogxila kwezesayensi nobuchwepheshe, iCoding and Robotics.
Lezi zifundo zigunyazwe ukuthi zifundwe wumkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lemiphumela, Umalusi.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, ekhuluma engqungqutheleni yabeluleka ngalezi zifundo eBirchwood Hotel & OR Tambo Conference Centre, eGoli.
Uthe balubuyekezile uhlelo lokufunda nokufundiswa kwalezi zifundo abebesaluvivinya bathola nezincomo emphakathini kanjalo nakuMalusi.
“Lezi zifundo zizofundwa kusuka kwaGrade R kuya kwaGrade 9. Uhlelo luzoqala ngonyaka ozayo, kodwa emazingeni aphansi okwamanje, luzobe selwenabela nakwamanye amabanga.”
Uthe luzogxila ezintweni zesayensi nokuxazululwa kwezinkinga ezikhona kulo mkhakha wesayensi.
“Abafundi bazokwazi ukwenza izinto ezintsha, bazofunda bebe benza kanti bazobe besebenzisa nezinto ezithinta amakhomyputha,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe bazokwakha izinto besebenzisana namarobhothi, emikhakheni ehlukene ethinta ezobunjiniyela.
“Lezi zifundo zizolungiselela abafundi abazokwenza imikhakha ehlukene ethinta amakhompyutha, izibalo, ezobunjiniyela, ezobuchwepheshe neminye. Zizoqinisa ukufundwa kwezinye izifundo ezivele zikhona ezifana neCreative Arts, nezinye ezithinta impilo jikelele.”
Uthe kubalulekile ukuthi abafundi babe nolwazi ngezinto ezithinta ubuchwepheshe ikakhulu ngalesi sikhathi njengoba abantu abaningi sebephila ngobuchwepheshe.
Ubalule nebanga elihanjiwe emkhakheni wemfundo eyisisekelo eminyakeni engu-30 edlule.
Uveze ukuthi kube nezinguquko ezinqala selokhu kwatholakala inkululeko.
“Sivule iminyango kwezemfundo njengoba phambilini imfundo yayihlukaniswe ngokobuhlanga. Manje kuyimpoqo ukuthi abafundi abaneminyaka engu-7, kuya ku-15 babe sezikoleni.”
Ubalule nokuthi kunezinhlelo ezihlomulisa abafundi abahlwempu njengohlelo lokudla ezikoleni.
“Lolu hlelo luphakela abafundi abangu-9.6 million ngosuku ezikoleni ezingu-21 274. Bangu-61 314 abaphakela abafundi abathola itoho bakwazi ukondla imindeni yabo. Uhlelo lokudla lwenza abafundi bangalovi ezikoleni futhi bathola ukudla okunazo zonke izakhamzimba.”
Uveze ukuthi basebenza ngamandla ukuqala uhlelo lokuthi kube nesidlo sasekuseni nsuku zonke ezikoleni.
Ubalule nohlelo lwezikole kuzona okungakhokhwa nhlobo imali yokufunda.
“Sinyukile isibalo sezikole okungakhokhwa nhlobo kuzona njengoba zingu-80% kuleli. Lokhu kwenza ukuthi nabahlwempu bakwazi ukuthola imfundo.”
Ukhale ngezinselelo ezisekhona kwezemfundo ukungaphephi ezikoleni, izidakamizwa kanjalo nodlame ezikoleni.
Ubalule ukuthi sebefake ugesi ezikoleni eziningi selokhu izwe lakhululeka.
Uthe njengoba kuzoba nokhetho kubalulekile ukuthi abantu bavote.