UKHONJWE indlela esigungwini esilawula uMasipala waseGoli owayeyimeya yawo, uMnuz Kabelo Gwamanda (39).
Kubukeka ziqonga izinkinga zikaGwamanda obemisiwe emsebenzini wakhe wokuba umphathi ophikweni olubhekele ukuthuthukiswa komphakathi eGoli.
Ukhonjwe afika ngayo nguMnuz Dada Morero ngempelasonto njengoba ebhekene namacala afaka phakathi inkohlakalo yomshwalense wokungcwaba ngo-2011 no-2012, eSoweto.
INkantolo yeMantshi yaseGoli idedele ngebheyili uGwamanda ngenyanga eyedlule.
UMorero waqala ngokuthi amise emsebenzini uGwamanda ukuze kuqalwe uphenyo lwangaphakathi kumasipala.
Lolu phenyo luphethe ngokuthi uMorero axoshe emsebenzini uGwamanda obeseyiqaqa kubantu abakhele lo mkhandlu kusuka eseyimeya.
Isitatimende esivela ehhovisi likaMorero siveze kuthi ukususwa kukaGwamanda esikhundleni kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi akubi khona ukuphazamiseka ekuhlinzekeni umphakathi izidingongqangi.
UMorero uthe bafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abakwenzayo kubeka eqhulwini izidingo zomphakathi.
Imeya ibe isiqoka uMnuz Tobogo Nkonkou weqembu iPatriotic Alliance ukuba athathe izintambo.
“Ukuqoka kwami uNkonkou kunginika ithemba lokuthi uzohola lolu phiko ngokuzinikela ekutheni iyathuthukiswa impilo yabahlali baseGoli,” kubeka uMorero.
UMorero uthe lo mkhandlu-dolobha uzoqhubeka nokuthi uhlinzeke izakhamizi ngentuthuko esezingeni.
UGwamanda oyikhansela le-Al Jamaah wehliswa esikhundleni emuva kwemibhikisho nezikhalazo okwakuvela kubantu ezinhlakeni ezehlukene emphakathini.
Babekhala ngokufadabala komkhandlu ngaphansi kobuholi bakhe nokukhushulwa ngemali ephezulu kwentengo kagesi okwamphendula iqaqa emphakathini.