ZINGAPHEZU kuka-4000 izidumbu ezingaziwa eziduve emakhazeni kahulumeni ahlukene kuleli.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla ephawula ngezidumbu zabantu abashe ngesikhathi kusha ifulethi eMarshalltown, eGauteng ezingaphezu kuka-60 ezingakabonwa ngabanikazi ezengeze kulesi sibalo.
Bangu-77 abantu abashone ngesikhathi kusha ifulethi ngeledlule kulesi sifundazwe kodwa izidumbu ezingu-62 azikavunywa, kusacelwe imindeni ecabanga ukuthi abashonile bayizihlobo ukuthi isondele ukuze kuhlolwe ulibofuzo.
Uthe kumanje kunezidumbu eziningi eziduve emakhazeni ezingaziwa ukuthi ngezobani, ukusha kwebhilidi kwengeze umthwalo obuvele ukhona.
Uthe iKwaZulu-Natal ihamba phambili ngokuba nezidumbu eziningi ezihleli emakhazeni kahulumeni okungaziwa ukuthi ngezobani.
Uthe umnyango wakhe usebenzisana nesikhungo samaphoyisa i-forensic pathology service nophiko lwamaphoyisa oluhlolayo noMnyango wezaseKhaya ukuze kutholwe ukuthi ngezobani izidumbu ezisemakhazeni.
Uthe eKZN zingu-1 509 izidumbu okungaziwa ukuthi ngezobani, eGauteng zingu-1 044, eLimpopo zingu-353 , eWestern Cape zingu-350, e-Eastern Cape zingu-315, eNorth West zingu-251, eMpumalanga zingu-68, eNorthen Cape zingu-42.
Uthe eGauteng bekusetshenziswa ubuchwepheshe bamakhompyutha obaziwa nge-biometric, obukwazi ukuchaza isidumbu uma izithupha zikamufi zikhona eMnyangweni wezaseKhaya noma emaphoyiseni kodwa lolo hlelo alusebenzi uma izithupha noma okunye okusetshenziswayo kungekho lapho kugcinwe khona, okungaba semaphoyiseni noma eMnyangweni wezaseKhaya.
Isidumbu siye singcwatshwe wuhulumeni, okwenziwa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana.