UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, ufuna ajeziswe kanzima owesilisa osolwa ngokunukubeza ngokocansi umzala wakhe wesilisa oneminyaka engu-14 ngoba ethi umqeda umkhuba wokuthandana nabobulili obufanayo.
Kuthiwa umsolwa oneminyaka engu-38 uboshwe eMatiwane, eLadysmith, ngoLwesibili, kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseLadysmith, namuhla.
Kuvela ukuthi ngoJanuwari3, nonyaka, umsolwa unukubeze ngokocansi umzala wakhe, watshela amalungu omndeni wabo ukuthi umdlwengule ngoba efuna ayeke umkhuba wakhe wokuthandana nabobulili obufana nobakhe.
Ngokwesitatimende esikhishwe wuMnyango wezokuThuthukiswakoMphakathi, umndeni kamgilwa uvule icala esikhungweni somphakathi i-Elandslaagte, kwasekuthathwa umgilwa waphuthunyiswa esikhungwenisezempilo ukuyohlolwa.
UNkk Khoza ushayele amaphoyisa ihlombe ngophenyo lwawo oluholele ekuboshweni komsolwa, wase enxusa abezomthetho ukuthi bamnike isigwebo esinzima.
“Ngeke sikwazi ukuhlala nabantu abanjena emphakathini. Wumuntu onjani nje ohlukumeza ingane ngesihluku esinje, aphinde angabi nanoluncane uzwelo ngalokho?”
Uthe umnyango wakhe ubusuvele uziqalile izinhlelo zokufundisa izingane zabafana nabesilisa asebekhulile ngobungozi bokusebenzisa amandla kubantu abaqoka ukuthandana nabanobulili obufana nobabo, kwabesifazane nezingane.
“Yonke imizamo kahulumeni ngeke ihudulelwe phansi yizigebengu ezicabanga ukuthi zinamandla okona impilo yabanye abantu kanjalo nje. Noma ngabe hlobo luni lokuhlukumeza okwenziwa ezinganeni, kuyasikhathaza. Lesi senzo esibi kangaka esenzeke enganeni sizoshiya izibazi ezingapholi empilweni yayo,” kuchaza ungqongqoshe.
Ube esenxusa amaphoyisa ukuthi aqinise uphenyo lwawo ukuze lesi sigilamkhuba singeke sikwazi ukuphunyula esigwebeni eside.
“Siyabonga ngokuthi amaphoyisa akwazile ukubopha isigilamkhuba. Manje osekusele wukuthi sigwetshwe ukuze sibe yisibonelo nakwabanye abenza njengaso,” kusho uNkk Khoza oveze ukuthi usethumele ithimba labezenhlalahle ukweluleka umgilwa nomndeni wakhe.