UZOVELA eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni ngoLwesihlanu, obefunwa uthuli amaphoyisa ngecala lokubulawa komkakhe.
Le nkantolo, ngoSepthemba 15, ikhiphe umyalelo wokuthi kuboshwe uMnuz Sithembiso Wiseman Mlambo (49), obesagcwele amathafa njengoba enukeka ecaleni lokubulawa kwenkosikazi yakhe, uSithembile Joyce Mlambo (39).
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nqobile Gwala, uqinisekise ukuthi umsolwa uxhakathiswe ngesikhathi eshayela eduze komgwaqo uCollings Pass ku-N11, ebheke eMnambithi, izolo. Amaphoyisa abesevele ekhiphe isimemezelo enxusa umphakathi ukuthi uwafunise umsolwa.
Umndeni kaNkk Mlambo obukhathazekile ngesikhathi ethungathwa ubukhala ngokuhlalela ovalweni uthi usaba nokuhlangana wenze ihlambo ngenxa yokwesaba umsolwa.
Umufi okuthiwa ubeshayela ama-ambulensi, kanti washonela endaweni yesigameko ngesikhathi edutshulwa esemotweni ephuma emsebenzini ebheke kwakhe ebusuku bangoMeyi, 23 nonyaka.
Umfowabo kamufi, uMnuz Phumlani Khumalo, uthe umndeni ubuvele usola umsolwa ongumacaphunakusale, njengoba uthi abebeshadile bese beyinkukhu nempaka.
“Ubesevele esibikela ukuthi usehlale elandelwa yizinkabi selokhu bahlukana. Usisi ubesezakhele owakhe (umuzi) eMndozo, wamshiya nosoSizweni,” kusho uKhumalo.
Uthe bese beneminyaka ewu-12 beshadile. Ingxabano yabo igqame ngo-2020. Uveze ukuthi udadewabo ubekhononda ngokuqonywa komyeni wakhe, obehlale ahlale uzwe kuthiwa uselobola omunye ngaphandle kokuvumelana nomkakhe.
Uthe ngesikhathi egcina ukukhuluma nomufi , wamtshela ukuthi ulandelwa yizinkabi zikamsolwa. Engxoxweni yabo eqoshiwe Isolezwe elinayo njengoba babexoxa besebenzisa iFacebook, enye yezimpendulo zikaNkk Mlambo ithi: “Phela seziqalile ukufika izinkabi zika..... Ngihlala ngokucasha nje manje.”
Yize ethe asicaci isizathu sokubulawa kukadadewabo, kodwa ukholwa wukuthi kungenzeka ukuthi kungenxa yemfihlo ethile abebeyazi bobabili, umsolwa esaba ukuthi ingadalulwa kwazise uvele waqubuka esikhaleni nje waba nemali exakayo, ekubeni kungekho mabhizinisi akuwo ngaphandle kokuba umashonisa.
Kuthiwa unemizi esezingeni eliphezulu nezimoto zohlobo oluphambili.
Laba kuthiwa banezingane ezine ezineminyaka ephakathi kweyisishiyagalolunye no- 23, ezihlala emzini kanina.
UKhumalo uthe abashana bakhe basele dengwane njengoba nemali kanina yomshwayilense iphumele umsolwa kwazise bebeshadile. Uthe kunamahlebezi athi ulobola enye inkosikazi.