PHILI MJOLI
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo izolo umemezele ukuthi zizomiswa ezemidlalo ezikoleni zakuleli, njengoba zinyuka izibalo zabahaqwa yiCovid-19.
UMnuz Elijah Mhlanga okhulumela umnyango, uthe lesi sinqumo sithathwe wumkhandlu wongqongqoshe bezemfundo kuleli emhlanganweni wakamuva. Uthe isinqumo sithathwe ngemuva kokuthi kube nabafundi abayisikhombisa okubikwe ukuthi bebedlala imidlalo eyenza ukuthi bathintane nabanye, kumbe bathintene nabafundi abenza le midlalo okutholakale ukuthi baneCovid-19.
UMhlanga uthe eminye imidlalo engenzi ukuthi abantu bathintane isazoqhubeka kodwa kumele kuqashelwe ukuthi abafundi abasondelani.
"Kumele kube nesiqiniseko sokuthi kunebanga elidingekayo phakathi kwabadlala leyo midlalo nangesikhathi sokuzilolonga," kusho uMhlanga.
Ngeledlule isishoshovu sezemfundo uMnuz Hendrick Makaneta, saphakamisa ukuthi ezemidlalo zimiswe okwesikhashana njengoba izwe libhekene nesivuvu sesithathu seCovid-19. UMakaneta wathi izibalo zabahaqwa yigciwane zizokwenyuka njengoba kungena ubusika, ngakho ukuvumela abafundi ukuthi badlale imidlalo eyenza ukuthi bathintane, kungaba ubudedengu.
Imidlalo ethintekayo ibhola lezinyawo, ibhola lombhoxo, umkhalambazo neminye. Ngesikhathi kuvulwa izikole umnyango wezemfundo washicilela emqingweni kahulumeni imigomo okumele ilandelwe uma izikole zivula ezemidlalo.
“Ngesonto lokugcina lekota yokuqala yokufunda nasekuqaleni kwekota yesibili kube nabafundi okutholakale ukuthi sebehaqekile, eGauteng. Izibalo bezilokhu zikhula. Lokhu kusitshela ukuthi ingozi ikhona nakuba kunemigomo ebekiwe elandelwayo yezokuphepha. Ngokwemibiko esinayo le midlalo inomthelela wokuthi igciwane lisabalale," kusho uMhlanga.
USolwazi Andre De Bruyn wenyuvesi yaseStellenbosch, uthe okubalulekile kulesi sikhathi esibhekene naso, ukuphepha yize ezemidlalo zibalulekile ezikoleni.
“Uma kubonakala ukuthi kunamathuba amaningi okuthi ezemidlalo ezithize zisabalalise iCovid-19 kumele zimiswe,” kusho uSolwazi.