"NINGIBOPHELANI? Ningibophel' ubunsizwa?" Bekubuza owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngesikhathi behlangana eMkhosini woMhlanga.
UCele ubehamba exhawula amabutho ngesikhathi edibana noNgizwe maqede baxhawulana sengathi abangani akade bagcinana. Phambilini uNgizwe ubebiza uCele ngawo wonke amagama, ezinkundleni zokuxhumana. Ubelibeka ngembaba elokuthi akaxoshwe esikhundleni sobungqongqoshe ngoba uyamehlula umsebenzi.
UNgizwe umxine ngemibuzo uCele. Kulamule intatheli ye-eNca, uSiphamandla Goge, odonsele uNgqongqoshe eceleni empheka ngemibuzo yezokuphepha esigodlweni eNyokeni, lapho kunoMkhosi woMhlanga.
Emuva kokuxoxisana noCele, uGoge ubuze uCele ukuthi bambophelani uNgizwe. "Buza yena ukuthi uboshelwani."
UNgizwe uvele wathi uboshelwa ubunsizwa. "Ngiboshelwa nje ukuthi Ziyakhala. Ziyakhala manje," kusho uNgizwe.
"Sezikhala kuwe-ke manje," kuncokola uCele, maqede wahamba. UNgizwe uthe icala lakhe liyaqala ukuqulwa ngenyanga ezayo.
UNgizwe wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, esolwa ngokugqugquzela izibhelu zangoJulayi nyakenye, nezadlula nemiphefumulo futhi kwatashwa nasezitolo eziningi zaKwaZulu-Natal.
Ngaphambi kokuhlangana noCele, uNgizwe uvukwe ushukela ekhuluma nozakwabo kaGoge, uNqobile. Ubesho ukuqeda uNqobile emsola ngokuthi akamnakile ekubeni ephendula imibuzo.
"Ngiyakhuluma wena uziqalazela abanye abantu. Angizwani mina nalokho. Anginandaba nokuthi..." kuzwakala uNgizwe ebhoka ngolaka kwasiza ukuba izintambo zinqakwe wuGoge.
Beyiqale kahle ingxoxo yabo kangangokuthi uNgizwe uze wanikela ngethawula lakhe kuNqobile kanti bazogcina bengasaboni ngaso linye.