ZIYISUTHILE induku izitabane okuthiwa zishaywe ngamalungu ebandla lamaNazaretha aseBuhleni, emuva kokubhadanywa zisocansini emadokodweni entabeni iKhenani ngeledlule.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke njengoba bekunyukwe intaba.
ISolezwe ngeSonto linezinkulumo eziqoshiwe elizithole ngomthombo walo ongaphakathi eBuhleni.
Kulezi zinkulumo kuzwakala abesilisa okuthiwa bayizitabane, bethi kukhona abazobahlasela ebandleni ngoba bashaye nezitabane ezingenzanga lutho.
Kuze kuvele namagama abanye abaholi baseBuhleni, kubuzwa ukuthi abashayangwa ngani bona ngoba nabo bayizitabane.
Omunye wesilisa enkulumeni eqoshiwe uthi: “Alibongwe igama lenkosi enkulu yakithi eBuhleni uNyazilwezulu. WemaNazaretha amahle.
“Kunabantu abaphume emakubo bashisa impepho bethi baya emhlanganweni.
“Uma befika emhlanganweni phezu kwentaba yomhlangano bathatha isiqalekiso.
“UNkulunkulu uniphile izinyonga, izimpumputhe, izihlupheki nezigwili wase ezonipha nezitabane.
“Zilimele izingane zabantu ezinye, zikumakhoma zihleli ezibhedlela.
“Zishaywe entabeni enkulu iKhenani, zishaywa amadoda. Futhi Shembe angazi into eyongenza ngibuye ngiqhubeke nokusonta kuyobe kuyini.
“Ngiyafisa uShembe emkhulu evama umusa, engathi wonke la madoda asibeke izandla ngoLwesihlanu ebusuku angafa wonke.”
Enye inkulumo ithi kumanje ziyahlangana izitabane zihlela ukuhlasela abazishayile.
Kuphinde kuzwakale ukuthi abafuna ukuhlasela aboqaphela ngoba balindelwe.
Kwenye kuzwakala izwi lowesifazane ebiza igama lomunye umholi othenjiwe eBuhleni, ethi wadlwengula umfana emhlanganweni owawuseLinda (KwaNongoma) wagcina ngokuzikhunga washona lowo mfana.
Uthi lo mholi uphindile wadlwengula omunye eKhenani, wabanjwa washaywa.
“Okubuhlungu, le nto izodicilela isithunzi soNyazi phansi ngoba kuzogcina sekubhalwe ngalolu daba emaphepheni.
“Kufanele zishaywe. Azife lezi zinto ngoba azinamsebenzi ebandleni.
“Njengamanje kuzosuka impi enkulu. Kungenzeka laba ababashayile baboshwe ngoba zizolwela amalungelo azo esontweni.
Inkulu impi ezosuka. Yonke le nto izohlukumeza ubaba uNyazilwezulu.”
Uqhube wathi kungani amadoda elibele ukulala namanye ngoba baningi abesifazane?
Uthi uShembe akakhiphe inkemba zife zonke izitabane. Uthi kunempi enkulu ezoqubuka eBuhleni.
Okhulumela abaseBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe usezwile ngalesi sigameko.
“Okwamanje akekho osabike ngokusemthethweni ekomitini lebandla.
“Abashayiwe ngicela bazobika ekomitini ngoba umthetho awukuvumi ukushaywa kwabantu.
“Ngalokho asisho ukuthi siyakuxolela abakwenzile ngoba akuvumelekile.
“Ngisho ngabe bekwenziwa wumuntu wesilisa nowesifazane, akwemukelekile endaweni kaNkulunkulu,” kusho uMncwabe.
Imizamo yokuthola laba abashayiwe ayiphumelelanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicelela.