UKUBA wumuntu othanda isitayela nengqephu yikhona athi kumsize kakhulu ukwenza kungabi lukhuni ukulingisa indawo ephambili emdlaweni wakwi-etv ogxile kwezemfashini iHouse of Zwide.
UNefisa Mkhabela (20) ongowokuzalwa eGoli, uthe nakuba ayengakulindele ukulingisa emdlalweni omkhulu njengalo, ikakhulu esemncane ngeminyaka - kodwa uyithokozele indlela abantu abayamukele ngayo indawo ka-Onalerona ayilingisayo.
“Ngikhule ngivele ngiwumuntu othanda imfashini nokugqoka ngendlela ehlukile kwabanye abantu, nokungisize kakhulu ukulingisa kwiHouse of Zwide ngoba iwumdlalo ogxile kakhulu kwezemfashini nokunye okuhambisana nayo.
“Ngiyayithanda nendlela abantu abayithakasela ngayo indawo ka-Ona engiyilingisayo, futhi ukuncoma nokugxeka kwabo okwakhayo kwenza ngihlale ngisebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi ngenza umsebenzi oncomekayo,” kuchaza uNefisa.
Lo mlingisi ophinde abe yisitshudeni sase-UNISA lapho enza khona unyaka wokuqala ezifundweni zeLaw and Psychology, uveze ukuthi ukungena kwakhe kulo mdlalo kwadala ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noyise obefuna aqhubeke nemfundo.
“Ubaba ubefuna ngigxile ezifundweni, engayizwa nhlobo nhlobo eyokulingisa kwiHouse of Zwide - sagcina sivumelana ngokuthi ngikwenze kokubili. Okumangazayo ngalokho wukuthi no-Ona ubhekane nesimo esifanayo kulo mdlalo,” kusho uNefisa ephela yinsini.
Eqhuba, uthe okunye okwenza impilo yakhe ibe lula wukulingisa nezinkakha kwezokulingisa oVusi Kunene (Funani Zwide), Jeffrey Sekele (Isaac Molapo), Matshepo Maleme (Rea Molapo) noWarren Masemola (Alex Khadzi).
“Benza ngikhuthalele ukusebenza kanzima ukuze ngenze into efunekayo, kanjalo nozakwethu abasebasha njengami - sihlale sikhuthazana ukwenza kahle ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.
Ephetha, unxuse abantu ukuthi baqhubeke babuke iHouse of Zwide, athembise ukuthi kukhulu okuhle nokuzojabulisa ababukeli kulo mdlalo okhonjwiswa kwi-etv ngo-7:00 phakathi nezinsuku.
“Nangaphandle kwalokho, ngizimisele ngokuhamba ibanga elide ngokulingisa - ngigcine sengilingisa naphesheya kwezilwande,” kuphetha uNefisa oseke walingisa kwi-Unmarried neSpaza Sasekhaya.