USIZI luzwa olunye emndenini wakwaNgwenya, ohlala endaweni yaseTatane, e-Estcourt. Umndeni wamalungu amane umpintshene endlini eyodwa yodaka futhi ewayo.
Kwezinye izinsuku balala bengadlile ngoba akusebenzi muntu kuwo. UNksz Nomdakane Ngwenya (38), uthe usizi lwaqala ngesikhathi kubulawa ubaba wekhaya ngo-2016.
"Kusukela lapho saqala sabhuqwabhuqwa yindlala ngoba bekungasekho muntu osebenzayo. Nami angikwazi ukufuna amatoho ngenxa yokuthi ngihlala ngokugula. Siphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni esiqondene nabantwana ababili," kulandisa uNksz Ngwenya, ngosizi lomndeni.
Uthe uhlala nezingane zabafana ezimbili, enezino-18, no-14 nentombazane eno-15. "Kuyasiphoqa ukuthi sisheshe sivuke sigeze ngoba izingane zabafana zisuke zisalele ngoba silala endlini eyodwa."
Uthe angakujabulela ukuthola indlu yomxhaso ukuze nabo baphile njengabanye abantu. Eqhuba uthe udaba lwakhe uselubikile ekhanseleni alakhele kuMasipala waseNkosi Langalibalele, uMnuz Vusimuzi Mkhize.
Ethintwa uMkhize, obuye abe yinyanga edumile endaweni, uzwelane kakhulu nomndeni wakwaNgwenya wathi uzamile ukukhuluma nabakha izindlu zomxhaso endaweni kodwa bamchitha ngenxa yokuthi basakhela ababhalisa kuqala.
"Udaba lwalo mama ngiyalusukumela impela futhi ngibuye ngikhiphe ephaketheni lami ngibathengele ukudla ukuze bengalali bengadlile," kuphetha uMkhize.