UHLUBUKE maqede wasungula ibandla lakhe owabe eyisethenjwa ebandleni lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni.
UMprofethi Benedict Xaba wethula ngokusemthethweni ibandla elithi yena namuhla iDr X Revival Ministries eGoli namuhla.
UMphrofethi uXaba ophinde abe nohlelo lapho eshumayela khona kwiBay TV ngeSonto nangoMsombuluko ekuseni, uzakhele udumo ngokwelapha ngemikhuleko nokusebenzisa amanzi athandazelwe namatshe.
Ethintwa, ukuqinisekisile ukuthi usephumile eBuhleni.
“Ngiphume khona ngoFebhuwari nonyaka ngenxa yokuthi bengibona ukuthi impilo yami ayisaphephile,” usho kanje.
Nakuba engathandanga ukwanda ngesizathu esimkhiphe kuleli bandla uveze ukuthi akanankinga nencane nomholi waseBuhleni uNyazi futhi uyaluhlonipha ngoba alubanga nasandla ekuphumeni kwakhe.
Uthe ungene kwaShembe
ngo-2004 futhi ubesonta ethempelini iSandanezwe okuyilapho ebengumshumayeli khona kwaze kwaba uyashiya.
Yize kade eSabatha kwaShembe kodwa zijikile izinto njengoba esevule elakhe ibandla ngoba ukhonza ngeSonto. Uthe akugcini lapho ngoba zikhona nezinye izinsuku phakathi nesonto lapho esonta khona aphinde alaphe njengoba aziwa ngakho.
Uthe selokhu ephume kwaShembe ibandla lakhe likhule ngendlela exakile.
“Abantu sebebaningi kakhulu ebandleni lami. Ngicabanga ukuthi balethwa yindlela esikhuleka ngayo ngoba siyakholelwa egameni likaJesu uMsindisi,” echaza.
Uthe okunye abantu okufanele bakwazi ngebandla lakhe wukuthi alehluleli umuntu ngokubheka akugqokile kunalokho lisebenza ngenhliziyo yomuntu.
UMphrofethi uXaba uthe umile ekutheni noma ngabe umuntu ugqokeni, ngisho kungaba ngowesifazane ogqoke ibhulukwe yena akanandaba nalokho ngoba yinhliziyo yomuntu ebalulekile.
Uthe kukhona abantu abajaha ukunaka izevatho nokunye okungabalulekile esikhundleni sokusebenza ngomkhuleko nokuguqula inhliziyo yomuntu kubuyiswe nonembeza.
Uthe yingakho ungekho umfaniswano ebandleni lakhe.
Into ekhona efanayo yisikibha esimhlophe esinobuso bakhe uMphrofethi negama lebandla.
“Angithi noma uye emihlanganweni yezepolitiki uye ubabone befake isikibha esibhalwe neqembu lelo lepolitiki kodwa lokho akusho ukuthi kukhonzwa lowo muntu. Nami-ke akukhonzwa mina kodwa sikhonza uJesu owasifela.”
Kuleli bandla bayakholelwa kwabangasekho. Bababona njengezingelosi futhi kuyahlatshwa.
Lo mcimbi uzokhonjiswa kwiBay TV, kulindeleke ukuthi kunandise abaculi abafana noShwi noMtekhala.