UTHI waze esemncane ukuthi uzophumelela empilweni umphathi wenkampani iRoyal Intshe Holdings.
UMnuz Mercutio Buthelezi (36) odabuka eNyanyadu, eNewcastle, uthi ukukhula ngaphansi kwesandla sikayisemkhulu owayenesitolo, kwamqeqesha wathanda nokuba nemali.
“Ngangibuye ngisebenze esitolo sikamkhulu. Lokho kwenza ngayithanda kakhulu imali futhi ngaba nentshisekelo yokuthi ngizenzele eyami. Nangesikhathi sengishiya ikhaya ngiyozama impilo engcono eGoli, bengilokhu ngikubekile emqondweni ukuthi ngelinye ilanga ngizophumelela. Ngiqale ngasebenza eCall Centre iDirect Channel, ngagcina sengiqashwe enkampanini yomshwalense i-OneCard Investments. Khona bengibhekele izinto eziningi ngiluleka nabantu abathathela imfuyo yabo iMedical Aid,” kusho uButhelezi.
Emva kwale nkampani, ugcine eseqashwe yinkampani yomshwalense iHollard.
“EHollard ngisebenze khona iminyaka engu-10 njengoba ngisanda kushiya khona. Ngifike khona ngiyiTeam Manager. Ngigcine sengikhushulelwe esikhundleni sokuba yiPerfomance Coach. Lokho kungibeke ethubeni lokuthi kube yimina obhekela ukusebenza kwawo wonke amagatsha enkampani KwaZulu-Natal. Bekuba yimina oqinisekisa ukuthi wonke amagatsha ayathuthuka esifundazweni, nokuthi ayayenza imali. Sigcine sesibambisene neSABC, kube yimina oluleka abantu ngomshwalense, ngibahlomisa ngalo lonke ulwazi abaludingayo ngawo. Bengivamise ukukhuluma emsakazweni Ukhozi FM njengongoti kwezemishwalense. Akugcinanga lapho neGagasi FM ngike ngasebenza nalo,” usho kanje.
Ukushiya iHollard, uthe kube yisinqumo sakhe asithathe kulo nyaka njengoba esefuna ukugxila ebhizinisini lakhe.
“IRoyal Intshe Holdings yibhizinisi ebelivele likhona kodwa engisanda kuba ngomunye wabanikazi balo, olivuselele kabusha. Ngalo sizoshintsha impilo yabantu KwaZulu-Natal. Lizoba nezinto eziningi ezingaphansi kwalo, okuyimishwalense, ezolimo nokunye. Nabantu abazothola amathuba omsebenzi khona asibheki abafundele imisebenzi ethile kuphela, kodwa nabanamakhono nje okudala basethubeni. Kukhona abantu abahlonishwayo esisebenzisana nabo esizobadalula ngokuhamba kwesikhathi,” usho kanje.
UButhelezi uthe kulula ukuzibambela kuyona yonke into njengoba wafundela iMarketing e-University of South Africa (Unisa). Uthe waphinde waqeqeshelwa neProject Management eMasifunde Learner Development. Waphinde waqeqeshelwa ukuba yiModerator, Facilitator ne-Assessor e-Institute of Learning Development.
Ekhuluma ngempilo yakhe, uthe uzalwa nguMnuz Mandla ongasekho emhlabeni noNkk Zandile Buthelezi-Majola. Uthe ungomdala ezinganeni zakwabo eziyisishiyagalombili.
Amabanga aphansi uwaqale Okhalweni Primary School, waya eMalambule Secondary School kodwa u-matric wawuphothula eBhukulwane Secondary School ngo-2005.
Kafushane ngoButhelezi:
–Ekudleni uthe uthanda okwesintu okungaba yidombolo, ubhontshisi nokunye okungena kulo mkhakha. Esiphuzweni uthanda i-whiskey
–Into esake yamphatha kabi kakhulu wukushonelwa wuninakhulu
–Uma engekho matasa nomsebenzi uthanda ukubuka i-rugby nebhola lezinyawo, ukuhlangana nezinsizwa ezigida indlamu nokuya ebumnandini
–Kwithelevishini ukhonze ukubuka izindaba nezinhlelo zokupheka
–Emazweni angaphandle useke wavakashela eBotswana, eSwatini nakwezinye ezise-Afrika
–Ezimotweni ayikho ayithanda ngokwedlulele kodwa uzifela ngezinamandla nejubane
–Kwezothando akathandi ukwanda ngamaningi kodwa angakuqinisekisa wukuthi akakashadelwa