UKWEHLULEKA ukubukela abantu ahlala nabo bebhuqwabhuqwa yindlala yokuswela umsebenzi kumenze wayeka umsebenzi wasungula inkampani yakhe ukuze aqashe abantu.
UMnuz Mthembiseni Thusi ongumsunguli weCongela Park Recyling esungulwe eminyakeni emibili edlule, uthe ehostela eDalton lapho ehlala khona ngonyaka kufika abantu abasha bezofuna umsebenzi edolobheni. Iningi labo ligcina lingawutholi umsebenzi libhuquza ehostela kunzima futhi ligcina liphindela emakhaya ngoba selixoshwa yindlala.
“Ngesikhathi ngisebenza bese ngiphenduke umuntu ofunela abanye abantu umsebenzi ngoba bengihambe ngibacelela umsebenzi. Ngeshwa bengingakwazi ukubatholela bonke umsebenzi ngoba ayikho imisebenzi. Uma kukhona abathathu engibatholele amatoho ngonyaka bekuba kukhulu. Abanye bebegcina behlala ezitaladini belala kuyo le paki ngoba bengenayo imali yokuqasha,” kusho yena.
Uthe wathatha isinqumo sokuthi ayeke umsebenzi ukuze aqale inkampani.
“Ngacabanga ukuthi konje yini engingayenza, ngaqale ngatshala imifino nezaqathe kuyo le paki kodwa ngabona ukuthi ngeke kulunge ngoba laba bantu engibafice behlala epaki engifuna ukushintsha impilo yabo badinga ukuhola. Ukuze bathenge ukudla, imifino nezaqathe kuthatha izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi kuvunwe. Akukaze kube semqondweni wami ukuthi ngingacosha udoti ngiwudayise kodwa ngokubona ukuthi yize kungenisa imali kuphinde kugcine indawo yethu ihlanzekile kanti kuvula namathuba omsebenzi,” echaza.
Uthe nakho ukuba usomabhizinisi akuyona into abezitshela ukuthi angayenza kodwa ungenele ukusiza abantu.
“Ngesikhathi ngikhuluma nosomabhizinisi baseMbilo ngombono wami bajabula bebona ukuthi ngizohlanza indawo. Bayangisiza ngokucathulisa ngokuphathwa kwebhizinisi ngoba ukucosha udoti kuyibhinizisi. Ngisizwa nawuphiko lwamapaki eThekwini. Njengamanje sengiyasiqonda isimo somnotho sakuleli angisagcini ngokuzwa kukhalwa kude, nami ngiyakhala ngoba ngiyathinteka. Ngenxa yesimo somnotho sekwehle imali ekhokhwa yisikhungo esithenga udoti. Lokho kwehlisa inzuzo, kwehlise nemali etholwa ngabasenzi,” kusho yena.
Inkampani yakhe uthe iqoqa amaphepha namaplastiki, eminyakeni ezayo ufisa ukuthi ikhule iqoqe nolunye uhlobo lukadoti.