KUVELE kwamuncu eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi isiboshwa sichaza ukuthi bambulala kanjani umama nengane yakhe ababesolwa ngokuthakatha eNewlands West.
UNomfundo Truelove Ngcobo uchaze ngendlela enesihluku nonya ababulala ngayo uNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12).
Uthe umsuka wengxabano kwaba wukuvakasha kukaSibonga ekhaya labo ekubeni wayekade engavumelekile ngenxa yengxabano eyaba khona phakathi kwale mindeni emibili ngo-2019.
Kuthiwa ummangalelwa wokuqala okunguNkk Pamela Zamisa wayalezela ukuthi kuyolandwa uNkk Simamane khona ezomchazela kahle ukuthi ingane yakhe ifunani emagcekeni akwakhe ngoba kwavunyelwana ukuthi ingaphinde ilubhade.
Kuthiwa ngesikhathi uNkk Zamisa eyalela bonke ababekhona ukuthi bangene endlini, isihlobo esingummangalelwa wesithathu kuleli cala kuthiwa, savukwa wumoya sabholofida.
Kuvela ukuthi sabholofida ukuthi uNkk Simamane uyazi ngokufa kukababa wekhaya, uMnuz Bheki Ngcobo, okuthiwa washaywa washona esekhishwe namehlo ngo-2012.
Ababesendlini; okwakunguNkk Zamisa ongummangalelwa wokuqala, indodakazi yakhe uNksz Andile Zamisa ongummangalelwa wesibili, uNksz Ngcobo, nesihlobo esasineminyaka engu-12 esasibholofida; baqala baphosa imibuzo uNkk Simamane.
Kuthiwa uNkk Simamane wayelandula ethi akazi ukuthi bakhuluma ngani. Owayebholofida wayelokhu ephindelela esho nokuthi uNksz Ngcobo uyalelwe ngabadala ukuthi akamklinye uNkk Simamane kodwa wenqaba kunalokho bamngenela ngenduku.
Kulowo mnyama, kuthiwa uSibongakonke wayesekhishini. Kwayalelwa uNksz Ngcobo ukuthi akayokhipha okwakusezimpahleni ezazigqokwe yile ntombazane okwakukade kubholofidwe ngayo yisihlobo ukuthi ifike nomuthi.
“Ummangalelwa wokuqala wakhuphuka waya esitezi wabuya eseshintshe izimpahla ayezigqokile, wacindezela uSibonga phansi embeke unyawo emqaleni wathi akayikhiphe into ayeyiphethe. Emuva kwalokho, wabilisa amanzi ngeketela wathatha intambo nefosholo weza nakho endlini yokuphumulela lapho esasisatitinyela khona uNkk Simamane,’’ kuchaza uNksz Ngcobo.
Lesi siboshwa esavuma icala ngo-Ephreli 25, 2022, sagwetshwa iminyaka engu-20, sichaze uNkk Zamisa njengongqondongqondo owayeyalela ukuthi abulawe kanjani uNkk Simamane.
Kuthiwa uNkk Simamane waklinywa ngentambo emqaleni, ecindezelwe ngefosholo kuyona intambo lapho uNkk Zamisa amthela khona ngamanzi abilayo phakathi endlebeni.
Kuvela ukuthi iketela walibilisa kwaze kwaba amahlandla amane emthela ngamanzi abilayo ekhanda nasezindlebeni, kwagcina kumenele uNkk Simamane.
Isidumbu salo wesifazane sathathwa sashuthekwa epotimendeni elikhulu kwathi esikaSibongakonke naye owagcina eshonile, sagxishwa ngaphansi kukasofa owawusugqojoziwe ngenhloso yokuthi kufakwe yena.
Bese kunosizi nomunyu ngaphakathi enkantolo ngesikhathi kulalelwe lobu bufakazi, abanye bebephuma kubonakala ukuthi bayehluleka ukumelana nobufakazi obethusayo obethulwa yisiboshwa.
UNksz Ngcobo uveze nokuthi izidumbu bahamba bayozilahla KwaDabeka, eClermont, maqede baya olwandle lapho ababeyokwenza khona ihlambo besusa isinyama sokubulala.
Emuva kwalokho, uthe babhala izitatimende ezingamanga bephika yonke into. Lokhu uthe babekade bekuyalelwe nguNkk Zamisa.
Uthe baphunyuka emlonyeni wengwenya sebethathwe ngamaphoyisa ngenxa yokufa komshini ohlola abantu ukuthi bakhuluma iqiniso yini.
Kwathi uma sekuthiwa abaphinde bebuye ngelinye ilanga abange besakwenza lokho, bashintsha nendawo yokuhlala baze bafika naseGoli.
Uthe basuka lapho baya kwababekazi wakhe eMnambithi kodwa uNkk Zamisa no-Andile nesihlobo, babalekela KwaDukuza.
Uthe yena wafikelwa ngabaseshi eMnambithi, bezombopha ngemuva kokuthi ugogo wakhe eThekwini abona ezindabeni owesilisia ababekade behamba naye ukuthi uboshelwe icala lalaba ababili ababulewe.
Isihlobo sona okulindeleke ukuthi sivume icala ngoLwesithathu oluzayo, kuthiwa saboshwa sesisekubhaceni eMatikwe, eNanda.
Icala liyaqhubeka.