Ziningi izinto esizenzayo zesintu sibe singaqondi ukuthi sizenzelani. Iningi lazo sizenza ngoba siye kozwa ohlanyeni kumbe esangomeni, kuthiwe asikwenze sixakekile sinezinkinga kodwa ungachazelwa, uze ukwenze. Ngizobala izinto ezinhlanu, engizobhekisa kuzona. Ukubethela, indiki, ukugeza izidalwa, ukulungisa umsamo nokwembula.
Cishe akekho umuntu ongathi akakaze athi eyohlola angatshelwa okunye kwalezi zinto. Ekuhloleni izona okwelashwa ngazo. Ukubethela: Cishe awukho umuzi ongabetheliwe. Kulokho kubethela uma ubuza ukuthi kwenziwelani, kuzothiwa kulunguliswa izinto ezonakele, kokunye kuqiniswa umuzi. Umuzi kakadeni kwakufanele uqiniswe emandulo kodwa kwakunesizathu futhi kunezinyanga zekhethelo ezabe zabelwe lowo msebenzi, kungewona umsebenzi kanoma ngubani. Kwakuba ngabantu besilisa ababethela ngokunikwa lezo zikhwama zokubethela, owesifazane engalinge enze lowo msebenzi.
Kwakubethelelwa ukuvika izulu lingangeni, kokunye kuvinjwa umkhuba osuvele ekhaya ungaphinde wenzeke. Kwakubethelelwa isizathu hhayi ngoba kunezinkinga ezikhungethe umndeni kumbe umuzi. Namhlanje umuntu usethi ekhungethwe izinkinga zethongo sekugijinywa kuthiwa kuyabethelwa.
Nakhona kubethela umuntu ongaphathiswe ukubethela. Ngakho ukubethela namhlanje sekufana nehlaya lokuthi wonke umuzi ubetheliwe. Uyangena enyangeni ikutshela ngokubethela ngoba ikhona lapho izokwazi ukukukhokhisa izinkulungwane ezicele kwezinhlanu kuya ngaphezulu.
Indiki: Leli gama seliwubulele umsebenzi ekwelapheni kwezendabuko. Inkinga enkulu umuntu uvele kuthiwe unendiki kumbe akalaphe indiki, angachazelwa ukuthi yini indiki.
Uma umuntu ohlolelwayo ebuza ukuthi yini indiki, ugobela kuthi akamudle emfele amtshele ukuthi ubeyaphi uma ngabe azi konke. Indiki lihlobene kakhulu negobongo ngoba kuthi kusathiwa uzokwelashwa lona khona lapho sekungena indaba yegobongo nalo okungachazwa ukuthi liyini nokuthi lisiza ngani. Ngakho indiki yilona okudlalelwa kulona kakhulu. Uthole ithwasa elingazange laphothula elashiya phakathi selelapha abantu indiki kwalona lingazi ukuthi yini indiki ngoba nakhu into okukhulunyulwa ngayo mihla namalanga.
Ukugeza izidalwa: Cishe njalo ngoLwesihlanu ayikho inyanga engaphumi iyokwelapha, uma ubuza kuthiwe iyogeza izidalwa emzini thizeni khona lapho izofike ibethele. Uma usulandela ukuthi ufike azithathephi lezi zidalwa ezihlale zikhishelwa ngaphandle imihla namamlanga bese zigezwa, awutholi. Kukhona lokho uzothola kuthiwe idlozi alikho kulo muzi futhi awubikwanga. Uma uthi wabikwa kuthiwe akwenzengaka kahle, inhloso kungekhona ukusiza kodwa ukuthi kuphume imali. Ukugezwa kwezidalwa umbuzo osalayo uthi ziphi zona emndenini ngoba phela umndenini nomndeni unezidalwa ezine ezengamele umsamo womuzi. Manje uma ezogeza izidalwa ziphi zona na?
Okuye kungabuzwa ukuthi zize zigezwe zingcoliswe yini noma ngubani. Uma uwubuza lowo mbuzo izimpendulo zintathu: kwakuxatshenwe, inhlambululo, noma amanzi amanyama. Ubuza ngamanzi amnyama impendulo eqondile awuyitholi.
Ukulungisa umsamo: Lokhu sekuphenduke ihlaya lemihla nayizolo.Ngisho umuntu ezohlola uthi engena abethi ngicela ungibhekele umsamo wami, kumbe ukuzolungisa umsamo. Uma ubuza ukuthi yini umsamo, ziyime emthumeni. Abelaphi abaningi badlalela kulokhu kulungisa umsamo. Uma ubuza ukuthi yini abazoyenza babonda isijabane sokubethela, ukugeza izidalwa nokugaxa abantu izinhlanga. Konke okwenziwayo, uthole ukuthi akuhlangene nakancane nezinto ezihlupha umuntu nezimbangela izinkinga asuke eze ngazo.
Ukwembula: Noma ngithi ngiyafuna angazi ukuthi lokhu kusho ukuthini. Kodwa kushiwo kumuntu ozalwe embethe, okuyaye kuthiwe ubuyiselwa ingubo yakhe ngomhlwehlwe wembuzi emithi, ecebile, emhlophe negobongo khona ugcine ungasazi ukuthi ikhona kuyikuphi. Lokhu kwembulwa awutshelwa nokuthi ubani omembethe futhi uluhlobo luni.
Ngithi-ke angibalule lezi zinto ezimbalwa abantu bakithi abahungwa ngazo kuthiwe bayelashwa. Kodwa othola zingaxazululi izinkinga ezisuke zibaphethe. Yingakho kukhona abantu abathi ngikhathele izinyanga ngiyabonga.
Engiqonde ukukusho ukuthi uma kuthiwa yenza okunye kwalokhu noma yini eshiwoyo bheka ukuthi kuhlangana kanjani nesixazululo sezinkinga ezikukhungethe.