KUSALE enkundleni abane kwalimala abathathu ngesikhathi oshayasibhamu begadla erenki yamabanga amade eJeppestown eGoli.
Le renki eyaziwa ngokuthi iseNkomeni, iseduze nesiteshi samaphoyisa iJeppe, ithutha abagibeli abaya ezindaweni ezahlukene esifundazeni iKwaZulu-Natal besuka eGoli besuswa erenki yakudala eWonderus izungezwe amafulethi amanye awo ahlala izitshudeni ezifunda emakholeji nasemanyuvesi akulo leli dolobha.
Kuthiwa kufike imoto yohlobo lweVW elihlaza sasibhakabhaka ihamba abasolwa abayisithupha abafike erenki bavulela ngenhlamvu erenki ngaphambi kokuba babaleke
Ukhomishana wamaPhoyisa eGauteng uLieutenant-General Tommy Mthombeni utshele abezindaba ukuthi lokhu kuhlasela kuyamanene nempi yamatekisi ahamba ibanga elide.
"Ngingaqinisekisa ukuthi kufe ababili abebengeyona ingxenye yempi kanti ababili bayingxenye yabamatekisi, okungumshayeli nomlawuli womsebenzi," kusho yena.
Kuthiwa kwabathathu abaphuthunyiswe esibhedlela belimele okukhona isitshudeni, umgibeli nomshayeli wetekisi, kukhona osesesimweni esibucayi kakhulu.
Njengamanje kusaqhubeka umsebenzi wabaseshi endaweni yesehlo kanti nezidumbu zabashonile zisadindilize emgwaqweni.