Umholi woMkhonto Wesizwe uJacob Zuma uthi akukho miphumela yokhetho ezomenyezelwa kusasa ngeSonto besenezikhalo ezingaphenduliwe.
UZuma ukusho lokhu esithangamini nabezindaba esikhungweni semiphumela se-IEC eMidrand, eGoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Uthe abafuni ukujahwa kodwa bafuna ukunikwa ithuba ukuze bafake izikhalo zabo. Iqembu lakhe namanye amaqembu angaphezu kuka-20 bakhala ngendlela izinto ezenzeke ngayo ngesikhathi kuqhubeka ukhetho nangesikhathi kubalwa.
“Sizodinga isikhathi. Akukho muntu ozothi nansi imiphumela. Uma lokho kwenzeka abantu bazobe besichukuluza ngoba siyazi sikhuluma ngani, asiqageli. Nginethemba lokuthi okunguyena obhekelele lokhu ulalele. Ungayiqali inkinga uma ingekho. Nika amaqembu ezepolitiki ithuba lokubeka udaba lwawo,” kusho uZuma.
Uthe inhlangano ebhekelele ukhetho uma bekhuluma ngokuthi kunezinkinga okumele zibhekwe ibanika imizuzu emincane.
“Angazi yinkululeko enjani leyo. Siphushwa sengathi siyiziboshwa umuntu okuphoqa ukuthi ungene esitokisini akhiye.”
Uthe akekho umuntu okumele abaphoqe ukuthi nayi imiphumela yiza ingashayi emhloleni. Uthe kumele i-IEC ibagculise ukuthi izinto zenzeke ngendlela efanele.
“Akujahwe lutho, ngeke kufe muntu uma imiphumela ingakhishwa kusasa. Kujahweni? Sesibekezele kakhulu izinto zenzeka. Ngisho abantu benza ubugebengu ababoshwa.
Akukho muntu ozomemezela kusasa ngaphandle uma bebengasebenzi nathi. Asikwazi ukuba nondlovukayiphikiswa.”
Khonamanjalo uMengameli Cyril Ramaphosa sekuqinisekisiwe ukuthi uzokwethula inkulumo emcimbini wokumenyezelwa kwemiphumela ngeSonto.