Owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, osanda kudedelwa ngoshwele weziboshwa ezingeyona ingozi, uzophinde avele enkantolo kusasa lapho ebhekene necala lenkohlakalo nelokukhwabanisa.
Icala likaZuma elimayelana nesivumelwano sokuthengwa kwezikhali lizoqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Bekukade kuhlelwe ukuthi leli cala liqulwe izinsuku ezimbili kepha abameli bagcina bevumelene ngokuthi lulalelwe usuku olulodwa.
Kusasa kulindeleke ukuthi inkantolo iphinde ilalele isicelo sikaZuma sokuba kushenxe umshushisi omkhulu kuleli cala, u-Advocate Billy Downer.
Akusikhona okokuqala uZuma efaka le sicelo sokuba kushenxe uDowner njengoba emsola ngokuchema nokuputshuzela intatheli ulwazi ngaleli cala.
Inkantolo yasichitha isicelo sikaZuma esedlule sokuba kushenxe uDowner kepha uZuma wabuye wasifaka kabusha emva kokuthi eqale ukuzishushisela mathupha uDowner.
UZuma usanda kuhlangabezana nembibizane emizamweni yakhe yokushushisa uDowner njengoba inkantolo isanda kuchitha icala lapho ezishushisela mathupha uDowner kanye nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi.
UZuma usasidlulisele phambili lesi nqumo.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe uZuma namanje usamile ekutheni uDowner kufanele ashenxe kuleli cala.
“UDowner ungummangalelwa wokuqala ecaleni lapho khona eshushiswa uZuma. Kuleli cala, uDowner waputshuza ulwazi oluyimfihlo ngokugula kukaZuma. Lokhu kuphambene nemigomo yeNPA (National Prosecuting Authority.”
Kuleli cala uZuma umangalelwe kanye nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
UZuma usolwa ngokwamukela intshontsho kule nkampani eyahlomula esivumelwaneni sokuthengwa kwezikhali.
UManyi uthe kusasa bazophinde baphawule nangodaba lokudedelwa kukaZuma ngoshwele weziboshwa ezingeyena ingozi.
Ngeledlule uZuma uphunyule ekubuyeleni ejele ayoqedela isigwebo sakhe ngesikhathi ekhishwa ngalo shwele.
NgoLwesihlanu, uZuma ubuyele ejele eliseMtshezi, kepha wabuye wadedelwa.
Ubebuyela ejele nje inkantolo ibisanda kuchitha ukudedelwa kwakhe ngoshwele wokugula.
UZuma wadedelwa ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Izinhlangano ezahlukene zakuphonsela inselelo ukudedelwa kwakhe, inkantolo yagcina ivuna lezi nhlangano.