UBONA zizoshabalala zonke izinkinga abhekene nazo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, emva kokuba esezibike kumholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMnuz Mduduzi "Nyazilwezulu" Shembe.
Lokhu ukusho ngesikhathi uNyazi lulethe umkhuleko emzini wakhe oseNkandla, izolo.
UZuma usebenzise umkhuleko wayizolo ukubikela uNyazi ngezinkinga abhekene nazo.Utshele uNyazi ukuthi sekuneminyaka ethweswa amacala angawazi.
Lokhu ukusho ngesikhathi ethula inkulumo yokwamukela uNyazi nezinkumbi zamakholwa abehambele umkhuleko wayizolo.Njengamanje uZuma ubhekene nezinkinga kwezomthetho.
INkantolo yamaCala aDlulisiwe isanda kunquma ukuthi kwakungekho emthethweni ukukhishwa kwakhe ngoshwele wokugula.Wakhishwa esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15.
Isinqumo senkantolo sisho ukuthi kufanele abuyele ejele ayoqedela isigwebo sokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo. Kepha uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo usidlulisele phambili isinqumo.
Ngakolunye uhlangothi uZuma ubhekene necala lokukhwabanisa nenkohlakalo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Leli cala lisukela esivumelwaneni sokuthengwa kwezikhali, ezathengwa eminyakeni engaphezu kuka-20 eyedlule. UZuma uthe la macala uwabona ewukumhlukumeza, wawachaza njengempicabadala.
"Akekho umuntu lapha osake waba necala elilodwa kuze kuhlangane amashumi amabili eminyaka kodwa lingapheli. Kuthiwa liyaphela kodwa lingapheli. Akekho umuntu omuhle ngenhliziyo nonothando, ongcolisa igama lakhe iminyaka ngeminyaka. Imisakazo ihlale imthuka njalo, ithunywe ngabathile, kodwa kungekho bufakazi obutholakalayo."
UZuma uthe kusho lukhulu kuyena ukuthi uNyazi lulethe umkhuleko emzini wakhe njengoba kuyisenzo esingajwayelekile ukwenzeka.Uthe yize ijwayele ukuba khona imikhuleko emzini wakhe, kodwa unethemba lokuthi owayizolo uzoshabalalisa izinkinga zakhe.
"Ngiyethemba zizobaleka lezi zigigaba engibhekene nazo. Zizobaleka zishone ngale kweNtunjambili (intaba). Lokhu inkosi ekwenze emzini kababa kuyinto engajwayelekile. Yinto engandele bani. Kusho lukhulu endaweni yakithi.”
Bekumhlophe amagceke emzini kaZuma izolo njengoba amaNazaretha abephume ngezinkani. Phakathi kwabantu abebehambele inkonzo yayizolo, kubalwa noSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, iPhini likaSihlalo wale nhlangano esifundazweni, uNksz Nomagugu Simelane, indodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla nosomabhizinisi, uMnuz Khulubuse Zuma.
UZuma noNyazi babe nomhlangano oyinguyazana emva komkhuleko. Emva kwalokho kube nomgidi odonse kwaze kwaba yiyo leyo ndaba.Izigaba ezahlukene abandleni lamaNazaretha bezishiyelana inkundla.
Kubuye kwavuka usinga nakuye uZuma, wabonakala esethatha isihlangu sakhe esibhula ngaphandle nangaphakathi.
Ngakolunye uhlangothi abantu basendaweni basebenzise ithuba layizolo ukuyobikela uNyazi ngezinkinga zabo.
Bekunojenga lwabantu abebelinde ukuyothola izibusiso oNyazini ngaphambi kokuthi kusongwe inkonzo yayizolo.