UNGOTI wezomthetho uthi owayenguMengameli, uJacob Zuma, kuzofanele akhethe phakathi kokulahlekelwa yimihlomulo ayithola ngokuba ngowayengumengameli njengoba esevunyelwe ukuthi angenele ukhetho.
UMnuz Mpumelelo Zikalala, weZikalala Attorneys uthe uZuma uzolahlekelwa yiyo yonke imihlomulo ayitholayo uma engavuma ukuba yilungu lePhalamende.
Umhlaziyi wezepolitiki yena uthe akaboni uZuma ezovuma ukuphunyukwa yimihlomula ayithola ngokuba owayengumengameli.
Izolo iNkantolo yezoKhetho ichithe isinqumo sokukhishwa kwegama likaZuma ohlwini lwabantu abaya ePhalamende nokusho ukuthi maningi amathuba okuthi abuyele njengoba igama lakhe liphezulu ohlwini lweMK.
UZikalala uthe uZuma angeke akwazi ukuhlomula kabili.
“Kufanele akhethe okukodwa. Akakwazi ukuthola umhlomulo wokuthi abe ilungu lePhalamende, aphinde athole imihlomulo yokuba owayengumengameli. Uzolahlekelwa imihlomulo efana nokuba nabaqaphi,” kusho uZikalala.
Uthe ubona sengathi isinqumo sikaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa sokuthambisa isigwebo sikaZuma, ikhona okumnikeze ithuba lokuthi akwazi ukungenela ukhetho.
URamaphosa wathambisa isigwebo sikaZuma esadonse izinyanga ezintathu kwesezinyanga ezingu-15.
Umthetho awubavumeli abagwetshwa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 ukuthi baye ePhalamende.
“Kunomehluko la. UZuma akazange anikwe ushwele, isigwebo sakhe sehliswa. Lokhu kusho ukuthi isigwebo sakhe asibanga yilezinyanga ezingu-15 ayegwetshwe zona,” esho,
Umhlaziyi wezepolitiki oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe akaboni uZuma ezovuma ukulahlekelwa imihlomulo ayitholayo.
“Mikhulu kakhulu imihlomulo ayitholayo, okubalwa kuyo nokuba nabaqaphi. Angiboni ukuthi uZuma engadela lemihlomulo, akhethe ukuba ilungu lePhalamende,” kusho uNdlovu.
UNdlovu uthe ukuvunyelwa kukaZuma ukuba angenele ukhetho kuyizindaba ezimbi kwi-ANC.
Uthe ukuvela kwegama likaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende, kuzovusa ufuqufuqu kwabeMK.
Uqhubeke ngokuthi bekungeke kube kuhle kwiMK ukuthi uZuma angabi khona okhethweni. Ngaphandle kukaZuma, ayikho iMK.
UZuma kuphela owaziwayo kwiMK. Ukungabibikho kukaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende bekuzokusho ukuthi uwumhlobiso nje. Impi enkulu lena abayinqobile.
Uthi manje sebezokhankasa ngokukhululeka njengoba sebazi ukuthi umuntu abamthwele ngeqoma, uzokuba khona ohlwini. Lokhu kuzolimaza kakhulu i-ANC, kushaye ne-IFP.
Iqiniso wukuthi uZuma uthandwa kakhulu lapha KwaZulu-Natal. Ngibona bengalala isibili noma isithathu lapha KwaZulu-Natal.”
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela uthe ukuvunyelwa kukaZuma ukuba angenele ukhetho kusho ukuthi amadlozi avumile ukuthi aphinde abe umengameli.
“Konke esikwenzayo sikwenza ngokukamoya. Manje sekusobala ukuthi lokhu esikwenzayo kufunwa amadlozi. Akekho ke ongavimba into efunwa amadlozi,” kusho uNdhlela.
Uqhubeke ngokuthi bafuna ukuthi uZuma aphinde abe umengameli.
“Iqiniso ukuthi akusiye uZuma othe ufuna ukuba umengameli, abantu abathe bafuna abuye. Kuningi esikufunayo kuZuma. Sifuna amanzi, ugesi nemigwaqo,” esho.
Uthe ukukhishwa kukaZuma ohlwini bekushiya imibuzo engaphenduleki.
Kubantu abangu-15 000 abasohlwini lwabangenele ukhetho, kube yigama likaZuma kuphela elikhishwayo. Lokhu kukwenza uzibuze ukuthi yini lena engaka efunwa kuZuma.
UNdhlela uthe njengoba igama likaZuma selibuyiselwe ohlwini, sebezokwazi ukugxila emkhankasweni wabo.