IHLELELWE uFebhuwari wangonyaka ozayo impelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota okhethweni oluzayo.
Ikhomishini yezokhetho imemezele ukuthi impelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota izoba ngoFebhuwari 3 no-4, ngo-2024.
Okhulumela ikhomishini uNkk Kate Bapela, uthe iziteshi ezingu-23 296 zokuvota zizovulwa kusuka ngo-8 ekuseni zivalwe ngo-5 ntambama ngalezi zinsuku.
Uthe abazobe beqala ukubhalisa bamukelekile wathi nalabo abazobheka imininingwane yabo ukuthi isayiyona.
“Sebengu-26.8 million abantu abasemqulwini wokuvota emva kokuvula ukuthi bazobhalisa nokuzibheka ngenyanga edlule. Sethemba ukuthi ngempelasonto yokugcina baningi abazophuma size sidlule nesibalo sabaphume ngenyanga edlule.”
UNkk Bapela uthe abaneminyaka engu-16 bangabhalisela ukuvota. Wadalula ukuthi abakuleli abahlala kwamanye amazwe bazoba nethuba lokuyobhalisa ezindlini zamanxusa kusuka ngoJanuwari 26 kuya ku-27, ngonyaka ozayo.
“Sizohambela nezikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo kuleli ukunxenxa iziboshwa ukuthi zivote. Zizobhalisela ukuvota kusuka ngoJanuwari 30, kuya kuFebhuwari 1, 2024, njengoba sizohambela lezi zikhungo sisebenzisana noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.”
Uqhube wathi kuzoba nomkhankaso wokugqugquzela abantu ukuthi bavote ezinkundleni ezehlukene.
Ugqugquzele abantu ukuthi baqhubeke babhalisele ukuvota kanti bangashayela ku:0800 11 8000, kusuka ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama phakathi nezinsuku.
Bangaya nakwi-website yekhomishini ku:www.elections.org.za, babhalise kuyona noma bazibheke ukuthi babhalise kuphi ngokuthumela umqhafazo onenombolo kamazisi ku:32810.
Abahlala kwamanye amazwe bangaya ku:https://online.elections.org.za/voterportal, bafake imininingwane yabo efaka nezithombe zomazisi.