KULINDELEKE ukuba avele enkantolo eseThekwini namhlanje, uMnuz Bonginkosi Khanyile, osolwa ngokubhebhethekisa imiyalezo egqugquzela udlame ngesikhathi kunezibhelu ngoJulayi kuleli.
Kuthiwa uKhanyile uboshwe eGoli, wabe eselethwa KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu. Usolwa ngokuthinteka ekusabalaliseni imilayezo egqugquzela udlame kubantu abaphikisana nokuboshwa kowayengumengameli Jacob Zuma.
Ngesikhathi sezibhelu kwebiwa izimpahla ezitolo, emafemini, nakwezinye izindawo, kwashiswa izinxanxathela zezitolo emadobheni ahlukene aKwaZulu-Natal naseGauteng.
UKhanyile ungomunye wabantu ababememeza bengaphandle kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu, bethi beseka uZuma futhi bafuna kuhoxiswe amacala abhekene naye. Ukuboshwa kwakhe manje kuveza ukuthi kunemibhalo abeyenza ezinkundleni zokuxhumana ebhebhethekise udlame.
Isolezwe izolo lifonele unina uNkk Phumzile Kathini, kepha amaselula abo noKhanyile abevaliwe. Kuthintwa abakhulumela amaphoyisa kuzwelonke izolo ngokuboshwa kukaKhanyile, abazange baziphendule izingcingo.
Okhulumela umndeni uMnuz Philani Nduli, ekhuluma nabe-eNCA izolo uthe basola inhlese yezepoliti ngokuboshwa kwakhe.
“Simangele ngokuboshwa kwakhe futhi sidiniwe ngoba sikholelwa wukuthi kumayelana nokuthulisa bonke abafuna kudedelwe uMnuz Jacob Zuma. Kunenhlese yepolitiki nje. Siwumndeni sikhathazekile kakhulu ngokuboshwa kwakhe,” kusho uNduli.
Akaqali ukuphambana nomthetho uKhanyile ngoba nangesikhathi se- #feesmustfall, waboshelwa ukuba yingxenye yabaqala izibhelu ezenzeka eDurban University of Technology (DUT), futhi engomunye wezishoshovu ezazilwela imfundo yamahhala.
Walivuma icala lokuba nodlame emphakathini, wagwetshwa iminyaka emithathu eboshelwe endlini ngo-2019. Wagwetshwa uR5 000 noma iminyaka emithathu ebhadla ejele. Isigwebo salengiselwa iminyaka emihlanu kepha wayalelwa ukuba enze imisebenzi yomphakathi, amahora ayisishiyagalombili enyangeni.
Muva nje, ubekhulumela umndeni wowayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu, obhekene necala elifanayo. Wathola ibheyili emuva kokutoka isonto esitokisini eGoli. UMchunu wazinikela emaphoyiseni emuva kokuvela kwezindaba zokuthi ayamfuna.