KUXWAYISWA abasebenzisa umgwaqo uN3 ngokuvalwa kwawo ngoLwesithathu njengoba uqhubeka umsebenzi wokuwuthuthukisa.
Ngokwesitatimende esithunyelwe ngabeSanral, lo thelawayeka uzovalwa kusasa (ngoJulayi 10) phakathi kuka-14h30 no-15h00 njengoba kuhlelwe ukuthi kuqhunyiswe ngaso lesi sikhathi.
Lo mgwaqo uzovalwa ejikeni likaM13/N3 kuya ejikeni laseHammarsdale. Kuzophinde kuvalwe umgwaqo uMeadway ejikeni laseThousand Hills Street nokuyindawo esondele kakhulu nalapho okuzobe kuqhunyiswa khona.
UJason Lowe, oyiProject Manager kuSanral Eastern Region, uthi banezinhlelo ezizosiza ukuze kungabi nesiminyaminya ngesikhathi kusavalwe lo mgwaqo.
“Sisebenza ngokubambisana nabeRoad Traffic Inspectorate (RTI) ukuqapha isiminyaminya emgwaqeni ngesikhathi umgwaqo usavaliwe.”
Abashayeli bangasebenzisa uR103 ukugwema isiminyaminya.