UKHUMBULE umphakathi awakhele umculi weGospel uThulani Ga Ndlela enikela ngamapheya angu-47 ezicathulo zesikole eNsimbini Primary eCato Manor.
UNdlela ungumnikazi wenkampani yemicimbi iGa Music Production.
Le nkampani ihlela umcimbi wokholo iPre-Easter Gospel Music Festival ezobe ise-ICC, eThekwini, ngoMashi 23, Isolezwe elingabaxhasi bawo.
Ekhuluma neSolezwe kulesi sikole uGa, uthe uke wacabanga ukuthi umnikelo wezicathulo avele awuyise ezindaweni zasemakhaya, eziqhelile neTheku kodwa wabuye wabona kukuhle ukuqala ekhaya.
“Ngihlala ewadini eyodwa nesikole. Ngibuye ngacabanga ukuthi angilwehlukanise kabili usizo lwezicathulo, ngiqale ngihambise ewadini engihlala kuyo, ngaphambi kokuthi ngiye kude,” kusho uGa.
Uveze ukuthi izicathulo uzinikelelwe uSolwazi Qedi Zulu, owayehlele umcimbi wamaChristmas Carols ayeyingxenye yawo.
Uthe uZulu wathi kukuye ukuthi uzisaphi.
“Ngikhethe lesi sikole, ngakhetha nesaKwaMsane, eMtuba okuthiwa iKwazitike Primary. Khona sizoya ezinsukwini ezimbalwa ezizayo. Sizohambisa amapheya angu-48,” kusho uGa.
Uthe emva kokuhambela lesi sikole ubonile ukuthi lusadingeka usizo oluningi, wathi ubonile ukuthi kufanele abuye kuwo lonyaka nolunye isizo.
Uveze ukuthi njengoba benxenxa abantu ukuthi bahambele iPre Easter Gospel, enye yemali abazoyithola , bahlela ukuyisebenzisela ukuguqula amakhonteyna bawenze imitapo yolwazi engomahamba nendlwana.
“Izoyiswa ezikoleni zasemakhaya ukugqugquzela ukufunda ezinganeni,” usho kanje.
Ezibongela ngomnikelo, uthishanhloko wesikole uNksz Pinky Mhlongo, uthe umnikelo ofana nalo bahlale bewamukela ngezandla ezimhlophe ngoba isikole sisendaweni ehaqwe ububha.
“Abantwana bazosizakala kakhulu ngalo mnikelo wanamuhla wezicathulo ngoba abanye babo isimo sibheda ngempela emakhaya,” kusho uNksz Mhlongo.
Uthe ngaphakathi esikoleni banekomiti elibheka izingane ezingenabazali.
“Sinohlu lwalaba bantwana, uma kuqhamuka usizo, sibhekela bona kuqala, silokhu sibheka futhi ukuthi bashoda ngani,” kusho uNksz Mhlongo.
Uveze nokuthi badinga yonke inhlobo yosizo, olubandakanya ngisho nezimpahla zokugqoka nokudla ngoba kwezinye izikhathi kuye kudingeke ukuthi babanike ukudla abazogoduka nakho baye emakhaya.
Uthe bafisa nokulungiselwa inkundla yezemidlalo, wathi izingane ziyazimisela kwezemidlalo yize bengakabi nayo inkundla yokudlala.
Ukuzibeka ethubeni lokuziwinela amathikithi okuba yingxenye yalo mcimbi. Thumela igama elithi "ISOGOSPEL" ku-33258, i-SMS ibiza R 1.50. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa kusasa ngo-8 ebusuku.