I-IFP ithi ilungu layo elisha esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, lizoyigada ngeso lokhozi iminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal.
Izolo uMfu Zondi, ufungiswe njengelungu lesiShayamthetho sesifundazwe kanti iqembu lithe uzokulwa nenkohlakalo ngoba idla lubi eminyangweni kahulumeni wesifundazwe.
Ungena esikhaleni esivuleke ngemva kokushiya kukaMongameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, oseyilungu lePhalamende.
Umholi we-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, uthe uZondi uzophenya ibheshu ngokusebenza kweminyango kahulumeni wesifundazwe.
UGwala uphawule kanje: “Izinto zimapeketwane eminyangweni kahulumeni wesifundazwe. Iminyango eminingi kahulumeni wesifundazwe ithola imibiko engemihle kumcwaningi mabhuku. Umbiko wakamuva womcwaningi mabhuku uveze isithombe esingesihle ngoba kubikwa ukuthi ihhovisi likandunankulu alisheshi uma kufanele liphenye. Lokhu kuveza isithombe sokuthi bayavikelwa abasolwa ngenkohlakalo.
“Njenge-IFP kubalulekile ukuthi sibe namasosha azokwazi ukuqapha ngelokhozi ukusebenza kweminyango kahulumeni wesifundazwe. Umsebenzi wethu ukuba senze isiqiniseko sokuthi akubhubhudlwa imali kahulumeni. UZondi unesipiliyoni esiwufanele lomsebenzi.”
UGwala uthe uZondi uzobe engasinisi mahleza uma esephonsa imibuzo kongqongqoshe nakwizinkulumompikiswano zasesiShayamthetho.
“Simfisela inhlanhla uZondi njengoba ezoqala umsebenzi obaluleke kangaka wokuphucula impilo yabantu.”
UGwala uqhube wathi njengoba kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo bazimisele ngokugudluza i-ANC.
“I-ANC yehluleke yancama ukuphatha. Iminyango kahulumeni neyomasipala ephethwe yi-ANC iyaqhubeka nokubhubhudla izimali zomphakathi. Ukhetho lwangonyaka ozayo lunikeza abantu bakuleli ithuba lokuba bakhiphe i-ANC, bafake i-IFP.”
UZondi akasiyena umafikizolo kwi-IFP. Uke waba yilungu lePhalamende elalimele i-IFP phakathi kuka-2009 no-2012, uke waba yiphini likangqongqoshe womnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ngaphansi kobuholi bowayengumengameli, uMnuz Thabo Mbeki.
UZondi waba ngunobhala jikelele we-IFP futhi uke wamataniswa nombango wokuhola inhlangano.
Ngo-2009, igama lakhe laphakanyiswa ngesikhathi kudingidwa ngabaholi ababengase bangene ezicathulweni zowayengumengameli we-IFP ngaleso sikhathi, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Ngaleso sikhathi kwakukhona ababefuna ukuthi uButhelezi abeke phansi izintambo, nokwagcina kungenzekanga ngoba uButhelezi waze washiya phansi ekuholeni i-IFP ngo-2019.
UZondi washiya phansi kwezepolitiki ngo-2012. I-IFP isanda kumengeza emalungwini esigungu esiphezulu senhlangano.