UKWANDA kwezigameko zobugebengu kuyamkhathaza uNdunankulu omusha waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, kangangoba unqume ukufaka uMnyango wokuPhepha koMphakathi ngaphansi kwehhovisi lakhe.
UNtuli ozichaza njengomholi ozibambelayo, hhayi othumelayo, uthi inkinga yobugebengu idinga wonke umuntu wakuleli eze nesisombululo.
“Ngithathe isinqumo sokuthi uMnyango wezokuPhepha koMphakathi ube ngaphansi kwami ngoba ngesikhathi ngisahola iSouth African Local Government Association (Salga) bengikhathazeka uma ngibona kwanda ukubulawa kwabaholi bomdabu, ukubulawa kwabantu abaningi nobunye ubugebengu. Ngifuna ukusebenzisana nezinhlaka ezihlukene nomphakathi wonkana ngoba inkinga yobugebengu isithinta sonke futhi kufanele sisebenzisane ukuze siyixazulule,” kusho uNtuli.
Wenze isibonelo sokuthi uma emphakathini kukhona umuntu onesibhamu esingekho semthethweni ahlale esiqhumisa njalo kufanele abikwe emaphoyiseni ngoba uma engabikwa leso sibhamu siyobulala elinye ilungu lomphakathi.
Uthe kubalulekile kuyena ukuthi iKwaZulu-Natal ibe yisifundazwe esiphephile ukuze abantu bahlale kahle, kuhehwe abatshalimali abazokwazi ukudala amathuba omsebenzi nokufukula umnotho.
Wehlise amaphaphu kubantu baKwaZulu-Natal abanovalo lokuthi uhulumeni wokubambisana ungase ungasebenzi ngenxa yokuthi kuzwelonke kuthatha isikhathi eside ukufinyelela esivumelwaneni sikahulumeni wokusebenzisana.
“Ngenhlanhla akusikona okokuqala iKwaZulu-Natal ibuswa wuhulumeni wokubambisana ngoba nakuqala i-IFP yayiphethe uhulumeni kodwa kukhona abaphathiswa be-ANC okubalwa uDkt Zweli Mkhize noSbu Ndebele. Besinaso isisekelo sokuthi kufanele siziqhube kanjani izingxoxo futhi ubungekho umdonsiswano ngezikhundla. Ngisho amaqembu ayefika ezoxoxa ne-IFP ayekubeka kucace ukuthi afuna ihole uhulumeni. Kuningi esesikulungisile futhi ngeke uphazamiseke uhulumeni waKwaZulu-Natal,” kusho uNtuli.
Uveze ukuthi izingxoxo kuhulumeni wokubambisana zizolokhu ziqhubeka.
Kuzokhumbuleka ukuthi bekukhona abaphathiswa abangazwani ngaphambi kokubunjwa kwalo hulumeni kodwa uNtuli uthe sekuxazululiwe ukungaboni ngasolinye phakathi kwalabo baphathiswa.
Uveze ukuthi sekunokubambisana okuhle phakathi kukaMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi noMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu, uMnuz Siboniso Duma owaphuca uButhelezi obuye abe nguNdunankulu kaZulu umbobho emcimbini okwakukhona kuwo Isilo.
Uthe selihoxisiwe necala ebelifakwe wuButhelezi emuva kwezinkulumo ezingezinhle ezenziwa wuMphathiswa wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane, owayesola uButhelezi ngokuqasha abesifazane ngesinene.
UNtuli uthe kuheleza umoya wobumbano nokusebenzela abantu baKwaZulu-Natal.
Uthe uyajabula uma kusizakala abantu ngoba inhloso yakhe wukufukula izinga lempilo yabantu baKwaZulu-Natal, kuvuselelwe izimboni koSithebe, Madadeni nakwezinye izindawo ukuze kuzothuthuka umnotho, kuqashwe abantu abangasebenzi ikakhulukazi abasha.
Uthe ezinye izinto ezizobekwa phambili ezemfundo, ezempilo kanye nokuthuthukiswa komphakathi.
“Asikwazi ukuqala izinhlelo zentuthuko ezingapheli, uma uhlelo lungaphelanga kumele kuphenywe bese kuthathwe izinyathelo.”