Usazohlala esitokisini uMnuz Xolani Gregory Khoza ngemuva kokuhlehliswa kwamacala asolwa ngawo okuvukela umbuso, ukubhebhethekisa udlame emphakathini nokusabisa ngemuva kwenkulumo okuthiwa wayenza ezinkundleni zokuxhumana.
UKhoza (37) ubhozonyelwe woKlebe ngempelasonto ngemuva kokufaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi “alivalwe izwe futhi umengameli kumele akhishwe”.
Lona wesilisa uvele eNkantolo yesiFunda eNelspruit ngoMsombuluko. Icala lakhe lihlehliselwe uJulayi 1 ngesikhathi esagcinwe esitokisini ukuze afake isicelo sebheyili.
Ngemuva kwalo mbhalo, amaphoyisa aqale uphenyo wase eboshwa ngokuphula umthetho, i-Section 14 of the Cybercrimes Act 19 of 2020, othi: “Umuntu osebenzisa ubuchwepheshe ukuxhumana, ukuthumela omunye umuntu, iqoqo labantu noma umphakathi jikelele umlayezo ngenhloso yokudala udlame emphakathini uzotholwa enecala.”