UZOFIHLWA ngoMgqibelo umholi we-MK KwaZulu-Natal, uMnuz Canaan Mdletshe, oshone engozini yemoto ngeledlule.
Okhulumela umndeni, uMnuz Mdu Mdletshe, uthe umngcwabo uzokuba seMtubatuba.
Inkonzo yakhe yokugcina izokuba sesontweni, oGunjaneni Lutheran Church, uzofihlwa emangcwabeni esonto.
Uthe kule nkonzo bazokhumbula amagalelo kaMdletshe.
“Lapha sizobe simvalelisa okokugcina. Sifisa ukuthi imisebenzi yakhe isigqugquzele sonke ukuba siqhubeke lapho egcine khona.”
UMdletshe uficwe ingozi yemoto ephuma kokhankasela ukhetho lokuchibiyela obeluseMtubatuba.
Imoto yakhe yashayisana neloli emgwaqweni ophakathi kwaseMtubatuba naseHluhluwe.
UMdletshe uthe abaqinisa idolo amazwi enduduzo alokhu engena kusukela kwavela izindaba zengozi.
“UMdletshe ubengumuntu wabantu. Ubewuthanda umndeni wakhe futhi ehlezi elwela abantu. Uwusebenzele ngokungakhathali umphakathi. Ubelwela ukuthi kube nokulingana nobulungiswa. Ukushona kwakhe kushiye isikhala esikhulu ikakhulukazi ezinganeni zakhe nakubona bonke abathandiweyo bakhe.”
UMdletshe ubesanda kuqokelwa ethimbeni lesikhashana elihola i-MK KwaZulu-Natal.
Ubesuka kwi-NFP, lapho ebengunobhala jikelele wale nhlangano.
Ngaphambi kwalokho wayekhulumela umholi we-NFP ongasekho, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, ngesikhathi eseyiphini likangqongqoshe wezeSayensi nezobuChwepheshe.
Ngaphambi kwalokho wayeyintatheli, wasebenzela amaphephandaba amaningi ahlukene.
Uthe uMdletshe usebenze ngokuzinikela kuzo zonke izikhundla abeziphethe.
Uthe kwezobuntatheli uMdletshe wazakhela igama.
“Wanqoba izindondo eziningi lapho aklonyeliswa ngokuveza inkohlakalo. Wasebenza iminyaka engaphezu kwengu-20 esebenzela amaphepha amakhulu ahlonishwayo. Waphatha izikhundla zokuphatha ezahlukene kwabezindaba.
“Wayebhala kakhulu ngezithinta ipolitiki nezithinta impilo yabantu. Ubehlonishwa kakhulu futhi ngoba bekwaziwa ukuthi ubehlezi efuna ukuveza obala iqiniso. Asisoze siwakhohlwe amagalelo abe nawo ebuntathelini, kuhulumeni nasemphakathini.”
UMdletshe ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe, uNkk Mphile MaButhelezi Mdletshe, izingane ezintathu, unina nabafowabo ababili.