UZOFAKA isicelo sebheyili ngoLwesine umdansi wasesetebeleni sikaDJ Tira, i-Afrotainment, obhekene necala lokudlwengula intombazane ena-13 engumakhelwane.
UNhlanhla "Sgaqa" Chiliza (31) ubevele okokuqala eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesithathu ngemuva kokuboshwa ngoMsombuluko.
Kuthiwa ucelwe yintombazane efunda ugrade 8 uR8 ngeSonto wayibuza ukuthi ihleli nobani ekhaya yathi ihleli yodwa wase eyilandela.
Unina wentombazane uthe sebesendlini uyiphushele ekamelweni labazali wayehlisa ama-leggings nephenti wayifaka iminwe esithweni sangasese.
Izolo ngesikhathi evele enkantolo ummeli wakhe uMnuz Shameer Goolabjtih utshele iMantshi uNgcobo (elingatholakalanga igama lakhe) ukuthi uzimisele ngokuqhubeka nesicelo sebheyili ngemuva kokuthi umshushisi uNksz Nsiki Qhunyiswa ethe umbuso uyasiphikisa.
Uthe umsolwa ungumakhelwane wentombazane ngakho akazimisele ngokubuyela lapho ehlala khona kunalokho uzohlala nemenenja yakhe eGreyville, okuyisemzini kaDJ Tira.
"Ungusaziwayo ongumdansi ohlala ehambela imicimbi. Uma engayi lapho eqashwe khona kusho ukuthi uzobe ephula inkontileka yakhe."
Uthe umphenyi wecala akatholakali ocingweni ngakho ngeke umsolwa agqunywe esitokisini izinsuku eziyisikhombisa kusalindwe ukuthi ayoqinisekisa ikheli.
Uthe ngenxa yokuthi ungusaziwayo, amathuba okuthi abalekele icala mancane.
Umshushisi uthe ukuthi ungusaziwayo akusho ukuthi umphenyi kumele abeke eqhulwini icala lakhe. Uthe lizobhekwa njengamanye ajwayelekile.
Uthe kumele bayoqinisekisa ikheli babheke nomsolwa ukuthi ukufanele yini ukuthola ibheyili kuphinde kuhlolwe ukuthi awekho yini amanye amacala awahambayo.
UNhlanhla Chiliza ngesikhathi evela enkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesithathu. Isithombe: FANELESIBONGE BENGU
Imantshi iliguqisile icala yathi isayocubungula isinqumo.
Ibuye yathi isicelo sebheyili singaqhubeka kodwa umshushisi wathi isikhathi sesihambile ngoba bese kungu-15h30. Ngaleso sikhathi ummeli uGoolabjtih ubeselungiselela ukubiza uChiliza ebhokisini lofakazi. Ubethe uzobiza nemenenja, uSenzo Shezi, ukuthi azofakaza.
Icala lihlehliselwe inamuhla ukuze afake isicelo sebheyili. Imantshi ithe uzogcinwa esitokisini sakhe yedwa ejele eWestville.
Inkantolo ibigcwele phama amalungu omgilwa, omsolwa nozakwabo.
Abasebenzi base-Afrotainment uPrince Bulo, Samkelo Mpisane noDJ Touch of Soul baseNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho kuzovela khona umdansi wakule nkampani osolwa ngokudlwengula @IsolezweNews pic.twitter.com/HJ1mL0wQrK
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) August 15, 2018
Phakathi kwabebekhona kubalwa adansa nabo eqenjini Amadada, DJ Touch of Soul, Dladla Mshunqisi, Tipcee nelungu leDistruction Boyz uGoldmax.
UChiliza ubethule ebhokisini egqoke itracksuit esakotapheya nebhulukwe elimnyama.
USenzo uthe bashaqekile kodwa bazomeseka ngoba umsulwa kuze kube inkantolo imlahla ngecala.