KULINDELEKE osopolitiki nosomabhizinisi abaseqophelweni eliphezulu emshadweni wesikhulu sikahulumeni nosomabhizinisi waseKZN.
NgoMgqibelo eBotanical Gardens eThekwini kuzobe kusindwe ngobethole emshadweni kaMnuz Zizi Kodwa (42), ongumeluleki kaMengameli Jacob Zuma kwezokuxhumana, ozobopha ifindo likasofa silahlane nentokazi yaseSikhawini engusomabhizinisi uNksz Zama Ngubane (26).
UMnuz Siyanda Mwandla, ongomunye wabagqugquzeli balo mcimbi, uthe konke sekumi ngomumo bona sebelinde usuku.
Uthe ngendlela abawuhlele ngayo lo mcimbi akangabazi ukuthi lona kuzokuba wumshado wonyaka.
“Osopolitiki kanjalo nosomabhizinisi abaqavile sebekuqinisekisile ukuthi bazokuba khona kule ndumezulu yomcimbi obhekwe ngabomvu,” kuchaza uMwandla.
Uthe uNksz Ngubane ukhulele eSikhawini, wafunda eThekwini, wayovula ibhizinisi eGoli okuyilapho ahlangana khona noKodwa.
Umthombo we Solezwe uthe uMengameli angase abe khona kulo mshado ngoba uyaziwa ukuthi uyayihambela imicimbi yabantu asondelene nabo.
Wayekhona emshadweni kaNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Sihle Zikalala, owayengunobhala we-ANC Youth League ngesikhathi ebopha ifindo.
Wayekhona futhi nangesikhathi kushadelwa uDJ Siyanda. Ngaphandle kwakhe umthombo waleli phephandaba uthe uNgqongqoshe wezeMidlalo uMnuz Fikile Mbalula uzokube ekhona kwazise ungumngani omkhulu kaKodwa, kanti noMengameli we-ANCYL osamisiwe uMnuz Julius Malema uveze ukuthi maningi amathuba okuthi abekhona kulo mshado.
UMwandla uthe kuzovumeleka kuphela labo bantu abamenyiwe kanti ezokuphepha zizokube ziqinile.
Ngasohlangothini lokugqoka uthe akunamgomo, umuntu angafika egqoke noma yini enhle.
“Asifuni ukubekela abantu imigomo. Sithi abagqoke ngendlela abayibonayo. Akekho umuntu ongaziboni uma egqoke kahle,” kusho uMwandla.
Uphethe ngokuthi lo mshado ozokuba nomtakabani nonontandakubukwa uzoqala ngo-4 ntambama.