UHLALELE ovalweni usihlalo wenhlangano yosomabhizinisi eyazakhela udumo ngokufuna umsebenzi ngodli, iDelangokubona SA Business Forum, uMnuz Nathi Bhamuza Mnyandu, emuva kokugeqa amagula ngokuthi kuthinteka nosopolitiki kulo mkhuba wokufuna umsebenzi ngenkani.
UMnyandu uthe ngesikhathi bebona ukuthi uhulumeni ubakhiphela ngaphandle bewosomabhizinisi, bahlangana base beziyela ngenkani lapho kunezinhlelo zokwakha nenye intuthuko kahulumeni, ukuyofuna umsebenzi.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi, uhulumeni wabahlalisa phansi wagcina esebavumela ukuba babhidele imisebenzi ehlukene.
“Obekwenzeka wukuthi uma kuza umsebenzi onemali enkulu, osopolitiki bebesithinta bathi asihambe siyofuna ngenkani u-30% waloyo msebenzi. Uma sesiwutholile bebeletha izinkampani ezizomela bona esingazazi kodwa ebesitshelwa ukuthi singazilwisi ngoba yizona abazodla ngazo.”
Ebuzwa ukuthi uzowakhipha yini amagama osopolitiki akade benza lo mkhuba njengoba uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, ethe kufanele akhishwe, uthe: “Ungijwayela kabi uBheki Mtolo ngoba bayaziwa osopolitiki akade benza lo mkhuba. Ushiswa yini yena uma ngithi osopolitiki ngingalikhiphi igama lomuntu?
“Kunzima kabi eNingizimu Afrika, awukwazi nje ukuvele ugagule amagama abantu. Njengamanje ngihamba nonogada futhi ngiyakudinga ukuvikelwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, kulabo abangifunayo.”
Wenze isibonelo sokuthi abantu abakhipha amagama abaholi abathinteka ezigamekweni ezingezinhle bayabulawa eNingizimu Afrika, ngakho ngeke nje avele adedele amagama abantu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala bese lucishwa kungathi umatasa.
Ekhuluma esiteshini sezindaba i-Newzroom Afrika, uMtolo, uthe njengoba kukhona abacashunwe emaphephandabeni bethi kunosopolitiki abathintekayo kufanele babadalule ngamagama.
Uthe uma bethi osopilitiki kufana nokuthi babhixa bonke osopolitiki ngobende inyama bengayidlanga. Ucele namaphoyisa ukuthi athathe labo abathi kunosoplitiki abathintekayo kwi-construction mafia abaphose imibuzo ngoba kunosopolitiki abathembekile nalabo abanegama elibi kuhulumeni.
UMnyandu uthe yize esengumuntu ogadwayo kodwa ngeke ayeke ukukhuluma iqiniso futhi ngeke awahoxise amazwi akhe.
“Abafuna ukungibulala abafuni ngikhulume iqiniso. Ngeke ngiyihoxise inkulumo yami ngoba bayazi osopolitiki ukuthi bebesisebenzisa ukuthi asifune umsebenzi ngodli. Njengamanje asisekho thina kule genge efuna umsebenzi ngenkani esibizwa nge-construction mafia. Siqashiwe kuhulumeni, siyasebenza asiphazamisi izinhlelo zentuthuko. Abenza lo mkhuba kufanele bajeziswe wumthetho. Akufanele abantu bacabange thina uma kukhulunywa nge-construction mafia.”
Ubalule ukuthi Isolezwe liyazi kahle indaba yabo njengoba baqala befuna umsebenzi ngenkani - ngokuhamba kwesikhathi - baba wosomabhizinisi abakhulumayo uma kukhona abanganeme ngakho, hhayi abanendluzula.
Uthe abanendluzula abawona AmaDelangokubona futhi umphakathi akufanele nje ubahlanganise nabo.
Uphethe ngokuthi uMasipala weTheku umkweleta u-R5 million ngokuwugadela ingqalasizinda yawo ngezibhelu zikaJulayi 2021.