ISIMO sakhe sempilo asizange simvimbe ukuthi aqhubeke nokufeza iphupho lakhe lokuba umlimi, owesifazane wasoYaya eShowe onesifo esingajwayelekile.
UNksz Thandeka Nkwanyana (36) wahlaselwa yi-fibrous dysplasia, okuyisifo sokukhula kwamathambo mawala.
Lesi sifo okuthiwa asejwayelekile futhi aselapheki, senza wonke amathambo asemzimbeni womuntu avuvukale.
Amalunga omzimba okusheshe kugqame kuwo ukuthi umuntu uphethwe yilesi sifo yizandla noqukula, okuvele kuvuvukale bese kuyagoba.
Kuthiwa umuntu ophethwe yiso, uhlale esezinhlungwini ngenxa yokuthi ehlale enkenketha amathambo.
UNksz Nkwanyana uthe siyinto eyamqala esanda kuzalwa kodwa yaya ngokuba yimbi esekhulile.
“Ngangifisa ukuba usonhlalakahle, okwagcina kungenzekanga ngoba ngagcina ngisiyeka isikole ngoba ngangihlale ngilaliswa esibhedlela,” kusho uNksz Nkwanyana.
Uqhube wathi uthando lwezolimo lwatshaleka ngesikhathi kushabalala iphupho lokuba usonhlalakahle.
“Ngaqala ngalima udedangendlale wensimu onalo lonke uhlobo lwemifino ukuze ngikwazi ukuziphilisa. Angigcinanga lapho, ngaphinde ngaphemba isibaya sezinkomo nesezimbuzi,” kusho uNksz Nkwanyana.
Uthe isivuno sakhe uye asidayise bese ethola imali yokuziphilisa.
Nokho uthe izinkinga ezifana nesomiso nokungabi bikho kwamanzi enele endaweni kumbuyisela emumva.
“Bese nginezinkomo eziyishumi, kodwa sengisele neziyisithupha kulandela ukufa kwezine. Izimbuzi zona kusele eziyisithupha, kade nginezingu-12,” kusho yena.
Uveze ukuthi ukhathazekile nangensimu yakhe, athi akanawo amandla okuyibiya, nathi kumbuyisela emumva uma ukugula kumlalisa esibhedlela.
“Ngibuya kungene izinkomo ensimini,” usho kanje.
Uthe uyawuthanda umsebenzi wokuba wumlimi, wathi umsiza ukuthi aziphilise aphinde akhokhele nezindleko ezidalwa wukugula.