UZINIKELE emaphoyiseni umshayeli weloli okusolakala ukuthi libe yimbangela yengozi ehlanganisa izimoto ezevile ku-47, eyenzeke emgwaqweni u-M41 eMhlanga, ngoMsombuluko ekuseni.
Kule ngozi eshiye abantu abaningi bebambe ongezansi, kuthiwa kulimale kuyo abangu-16, kwathi oyedwa kubona walimala kabi waphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi umshayeli weloli okuthiwa yilona elidale ingozi oneminyaka ewu-23, uzinikelile esiteshini samaphoyisa esiseDurban North, ngawo uMsombuluko ebusuku.
Umshayeli ubeshaye wachitha emva kokuthi iloli ligingqike lalala ngohlangothi ebangeni elingangekhilomitha ukusuka endaweni yesigameko.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe uhulumeni useqale izinhlelo ezigxile kumaloli.
“Kunenselelo ngokuziphatha kwabashayeli bamaloli emgwaqweni u-N2 eMpangeni nasoPhongolo. Sizoqhubeka nokuxoxa nabomkhakha wemboni yamaloli ngokuthotshelwa komthetho. Sifisela abalimele ukululama ngokushesha,” kusho uHlomuka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe umsolwa kulindeleke avele enkantolo maduze emva kokuzinikela.