IZIKHUKHULA ezihlasele KwaZulu-Natal, ikakhulu eThekwini, kungenzeka ukuthi zifike kuvele kunezinkinga eziholele ekutheni umonakalo ube mkhulu, kakhulu. Bacela ku-500 abantu abashonile, balinganiselwa ku-70 abangaziwa ukuthi bakuphi. Lokhu kusho ukuthi singase senyuke isibalo sabashonile kanti ibalelwa ku-13 000 imizi ekhahlamezekile ngenxa yezikhukhula.
Phakathi kwabakhahlamezekile kukhona abasale bengenawo amakhaya nhlobo. Wonke umonakalo ukhomba ukuthi kufanele kube nemali enkulu ephuma kuhulumeni, ezolungisa isimo. Kukhahlamezeke ingqalasizinda yemigwaqo, ugesi, izakhiwo zikahulumeni nokunye okuningi. Inqwaba yabantu isale ingenawo ugesi, amanzi izingubo zokugqoka, ukudla nokunye okuningi.Okunye okudinga ukushayelwa ihlombe wukusukuma kwabantu nezinhlangano ezehlukene, banikele ngemali nezimphahla ezidingwa yilabo abasenkingeni.
Izikhulu zikahulumeni zizame konke okusemandleni ukubhekana nesimo kodwa kuyacaca ukuthi nazo ziphithene amakhanda azikaze ziyibone into, enje. Kuphoqelekile ukuthi kwehle uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uqobo, azozibonela naye wabuyela emuva engayifisi indaba. Lokhu kuholele ekutheni kumenyezelwe isimo senhlekelele esifundazweni. Lesi simo sifikela kubantu abaningi abavele bengasebenzi futhi bengenazo izindlu nokunye okuyizidingo zokuphila.
Okunye okugqamile wukuthi eThekwini, kushayeke abantu abahlala emijondolo esezindaweni ezehlukene ezakhele idolobha. Umonakalo okhona udinga ukuthi wonke umuntu azibuze imibuzo eminingi. Ngabe udaba lokwentuleka kwezindlu, okwenza kwande imijondolo lwenze isimo saba nzima kakhulu? Sithini ngendaba yabantu abakha imijondolo ezindaweni ezingagunyaziwe ukuthi kwakhiwe kuzona? Ngabe ingqalasizinda kaMasipala weTheku isezingeni elifanele yini ukubhekana nesimo esinje?
Kukhona yini uMasipala weTheku nabantu abawakhele okufanele bakufunde kulesi simo, bese beshintsha ukwenza? Akusona isikhathi sokukhombana ngeminwe kodwa kufanele ukuthi isimo sihlaziywe kahle ukuze sithi noma siphinda ngokuzayo kungabe kusafana nakulokhu.
Leli phephandaba libe nengxoxo ende nokhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela. Uyakuvuma ukuthi zikhona izinkinga ebezivele zikhona ikakhulu ngodaba lwabantu abakha imijondolo, ezindaweni ezingagunyaziwe. Uthe umasipala usiza abantu ngaphandle kokubheka ukuthi bebakhe kuphi.
“ITheku linezigceme zemijondolo ezibalelwa ku-500, eminingi yakhiwe ngokungekho emthethweni ezindaweni ezingafanele. ITheku lihlala ngokuhlaselwa yizimvula nezikhukhula esikhathini esiningi. Uma sizama ukubhekana nalabo abakha ezindaweni ezingafanele, siyagxekwa kuthiwe sihlupha abantu,’’ kusho uMayisela.
Uthe into edala lokhu wukuthi iTheku, yidolobha elikhulu nokwenza ukuthi kufuduke inqwaba yabantu bezozama amathuba emisebenzi kulona. Uthe kufanele abantu baqaphele ukuthi baziphatha kanjani.
“Siyacela abantu bakithi ukuthi balalele, bahloniphe imithetho yedolobha. Sizamile ukwakhela abantu izindlu, kumanje lezo zindlu zingamakhaya kubantu ababalelwa ku-2 million. Umasipala wenza konke okusemandleni ukuthi uhlinzekele abantu ngezidingo,’’ kuchaza uMayisela.
Ebuzwa ngengqalasizinda uthe isezingeni elifanele, wanxusa abantu ukuthi balekelele ngokuthi bayiphathe kahle ukuze yenze umsebenzi ofanele.
“Ingqalasizinda kaMasipala weTheku, isesimeni esikahle futhi uma kwethwasa ihlobo siye sihlanze izindawo ezihamba amanzi ngoba siyazi kusuke kuzona imvula. Inkinga enkulu wukuthi abantu balahla udoti noma yikuphi bese uma ukhukhuleka uvale izindawo okufanele kungene kuzo amanzi, bese kuba nenkinga,’’ kuchaza uMayisela.
Uthe nakuba bezama konke okusemandleni ukusiza abantu ngalesi sikhathi esibi kangaka kodwa sekuqala imibhikisho kwezinye izindawo. Uthe abantu banalo ilungelo lokubhikisha bazwakalise izikhalo zabo kodwa baqaphele ukuthi abavimbi abasebenzi bakamasipala, abalethe usizo lapho ludingeka khona.
Uthini umbono wabesintu ngenhlekelele?
Ukuhlasela kwezikhukhula kuthinte ngisho iSilo uMisuzulu kaZwelithini, saze sazifikela qathathatha ezindaweni ezithintekile sihamba nempunyela uMnuz Patrice Motsepe, onikele ngoR30 million ukulekelela abasale dengwane.
Okufike kwacaca ngenkulumo yeSilo wukuthi siyibheke ngeso lesintu lento, saze sashweleza sathi uma kuwulaka lwemvelo alwehle.
IMbube iveze ukuthi imvula kufanele ibe yisibusiso kodwa uma isiyenza umonakalo ongaka, akusesona isibusiso ngoba kufa abantu.
Ungoti kwezomdabu nezesintu uDkt VVO Mkhize, ubhale kabanzi ngalolu daba, wathi okushiwo yiSilo kumenze wajula wabuka lesi simo, ngeso elehlukile.
‘’La mazwi atshengisa umholi othi azi uyingane kaNkulunkulu kodwa yanikezwa abazali bayo, abayikhulisa ngomthandazo nokwazisa ukuthi bakhona abakubo asebahamba.
“Le nkulumo yenza uzibuze ngakube wonke umonakalo owenzekile wahlukumeza imiphefumulo kangaka yingoba kuyithina esonile, nesonayo. Izinguquko ezishiwo ngososayensi zemvelo, noma ukungathandazi ngendlela efanelekile nokwahluleka ukugcina imithetho elishumi?” kubuza uMkhize.
Uthe kufanele sizibuze ukuthi akulona yini ulaka lwamathongo olushaya isizwe kangaka noma yisiqalekiso esibekwe phezu kwamahlombe abantu?