UMFUNDISI osindisiwe odayisa izimbiza futhi osebenzisa amakhambi esintu uphonsela abazalwane abasindisiwe inselelo, uthi abazijwayeze ukukhonza uNkulunkulu ngendlela yase-Afrika.
UMfu Musa Langa webandla EThekwini Community Church (ECC), eliholwa nguMbhishobhi Vusi Dube, uzifanisa noLuka owayengumfundi kaJesu. Uthi uLuka wayelapha njengaye futhi wayengasebenzisi amaphilisi kodwa wayethaka amakhambi njengaye.
“UJesu uthe uma sikholwa siyokwenza okukhulu naye angazange akwenze. Yingakho engibusise ngamandla okwakhela abantu izimbiza zokuthi balapheke ezifweni ezifana nesifo sikashukela nezinye izifo,’’ usho kanje uMfu Langa.
Uqhube wathi kade aqala ukuba yilungu lebandla le-ECC, wathi okumjabulisayo ukuthi uMbhishobhi uDube akamxwayi ngenxa yalokhu akwenzayo. ULanga ukholwa wukuthi akuxabani ukusetshenziswa kwamakhambi esintu nokukhonza uNkulunkulu.
“Mina ngikholwa ukuthi ngokusebenzisa amakhambi esintu, ngibuyela kwimvelaphi yami. UNkulunkulu uthe ngamahlamvu emvelo siyaphila,’’usho kanjena.
UMfu Langa uthi phambilini wayekufihla ukuthi udayisa izimbiza kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukuthi akwenze kube sobala ngoba uyakholwa ukuthi akukho okubi akwenzayo. Uthi ulwazi olunzulu lokwelapha ngamakhambi esintu walucotshelelwa ngumama omkhulu wakhe owashona ngo-1996.
UMfu Langa uzichaze njengoMphrofethi kaNkulunkulu, othunywe ukuthi azokwelapha abantu ngokusebenzisa amakhambi esintu. Uthi wagcotshelwa kwesobufundisi eminyakeni engu-30 edlule.
Ngokusho kukaLanga baningi abamgxekayo, abanye bathi useyinyanga usemhlubukile uNkulunkulu ngokukhonza amadlozi.
“Inkinga enkulu yethu ukuthi sinikezwe ivangeli eliphanjanisiwe lokuthi uNkulunkulu singamkhonzi njengama-Afrika kodwa simkhonze njengondlebe zikhanya ilanga,’’kuxwayisa uLanga.
Uthe kuyamangaza ukuthi amakholwa uma ebona amaphilisi akhuza u-Amen ethi yinto kaNkulunkulu kodwa uma ebona izimbiza athi yimisebenzi kasathane.