UYAKHALA umbhishobhi waseZayoni webandla laseMtubatuba, othi “udlelwe” umkakhe ngumfundisi abekanye naye ebandleni.
UMbhishobhi Mzwamandla Khanyile (64) oyinhloko yebandla uKukhanya Kwezizwe, uthi akasazi ukuthi athatheni ahlanganise nani ukuze kuzobuya umkakhe, uNkk Nomalanga Khanyile (52) athi usekhethe ukumane ayokipita noMfu Zithulele Mpofana (56).
Ngokusho kukaMbhishobhi Khanyile bese kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nomkakhe, obese kudonse isikhathi eside.
Uthi bekubangwa wukuthi umkakhe ungumuntu ongalaleli futhi ongahloniphi nje nhlobo.
Uthi bekuthi njalo uma umkakhe benenkinga agijime ayobikela uMfu Mpofana.
“Ngisola sengathi uMpofana usebenzise lelo thuba ukumane athandane naye umkami. Mina angazi futhi ukuthi ngizoyithini le nto ngoba iyangidla emphefumulweni wami,’’ kubalisa uMbhishobhi Khanyile.
Eqhuba, uthi sekuphele isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha manje umkakhe ekipite noMpofana.
Uthi ngeke aze azihluphe ngokubikela umndeni womkakhe ngoba into azomane ayenze nje wukuthi aqale phansi aganwe kabusha ngomunye umuntu wesifazane, ozomhlonipha futhi ozohlonipha namalungu ebandla.
Okubi akhala ngakho uMbhishobhi Khanyile wukuthi amalungu ebandla awaholayo ayambuza ukuthi ukuvuma kanjani ukuthi umkakhe ayokipita nenye indoda nje bese kuphele kanjalo nje?
UMbhishobhi Khanyile uthe bese kuphele iminyaka eyisishiyagalombili beshadile nomkakhe, abebenabantwana babo ababili ababebusiswe ngabo kodwa sebashona.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulume naye uMfu Mpofana, wavuma ukuthi uhlezi nomkambhishobhi.
Uthe bahlezi ndawonye kodwa abakipitile ngoba abathandani.
“UKhanyile uyehluleka ukunakekele umkakhe. Uyamhlukumeza. Yingakho-ke umkakhe eseze wakhetha ukuthi amane azohlala nami lapha eHluhluwe,’’ usho kanjena.
Intatheli imbuzile ukuthi aze “ahlale” nomkamuntu nje uphi umkakhe, waphendula ngokuthi akasenaye ngoba washona eminyakeni emibili eyedlule.
Mayelana nezinsolo zokuthi sebeze baqalala elabo ibandla, uthe kuyiqiniso ukuthi usesungule ibandla kodwa kungamampunge ukuthi umkaKhanyile nguyena umama-mfundisi kulona.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulumile nomkaKhanyile obezwakala ekhulumela phansi.
Uthe akafuni ukuthi kube khona okuphinde kumhlanganise noMbhishobhi uKhanyile. Umchaza njengendoda engathembekile futhi ehlulekayo ukubona ‘’igolide“ uma lisesandleni sayo.
Uthe yena ungunkosikazi wekhethelo, ohloniphayo futhi okhuthele ekhishini nasembhedeni.
Igolide uthe nguyena uqobo ngoba akukho ashoda ngakho kodwa waba neshwa lokuthi agane indoda engazi noma liyashona noma liyaphuma yini.
Ilungu lebandla likaMbhishobhi Khanyile elikhulume neSolezwe ngoMgqibelo, okugodlwe igama lalo, lithe ukujola kukamkaKhanyile noMpofana yinto endala kabi.