OWAYEYIMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede, uvule icala lokwehliswa isithunzi yilabo abamsola ngokuthinteka emibhikishweni yokulwela owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma.
UNkk Gumede izolo ekhuluma neSolezwe uthe icala ulivule esiteshini samaphoyisa eNanda (eMtshebheni) ngoba ubesekhathele ukuthukwa ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngivule icala lokwehliswa isithunzi ngabantu abangazivezi, abayizigebengu, ababhala ezinkundleni zokuxhumana. Bathi ngeseka uZuma ngakho ngingomunye obetapa izimpahla ezitolo. Yinto engafihliwe ukuthi ngiyameseka uMsholozi (Zuma) kodwa mina ngihleli ekhaya ngizothile. Yikhona lokhu ebengikuvulela icala ngoba ngisukelwa ngento engingayazi.
Uma ngibayeka, bazoqhubeka badicilele phansi igama lami,” kusho uNkk Gumede.
Uqhube wathi lokhu bekumcasula kakhulu.
“Okungicasula kakhulu ukuthi bathi ngibalekela amacala aseThekwini ngokuthi ngeseke uZuma. Noma ngabe ngiyakwazi ukwenza izinto, usho ukuthi izwe lonke selingalawulwa yimi ukuba bangene ezitolo. Icala lami ngihlezi ngilihamba, nelikaMsholozi (Zuma) ngiyalihamba ngakho akukho ukulibalekela,” kusho uNkk Gumede.
Ube esegcizelela ukuthi uyazikhuza izimpi nokuhlaselana kwabantu, wathi nabakhala ngezinto ezenzekile bangaziphindiseleli.
“Ningakhohlwa ukuthi siyalukhuza udlame ezindaweni lapho lwenzeka khona, sithi abavule amacala. Abantu bangaziphindiseleli, okungenani bavule amacala, badedele amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo,” kuphetha uNkk Gumede.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe bazolibheka icala. Kushicilelwe amaphoyisa ematasa nalo.