UMNDENI wowesifazane owangqongqiswa nemoto emathuneni aseMolweni, eThekwini, ngo-Ephreli 3 ufuna umsolwa anganikwa ibheyili futhi agugele ejele.
NgoMsombuluko, eNkantolo yeMantshi eNtuzuma, kuvele uMnuz Sfiso Professor Ndlovu, ongumyeni kamufi, uNkk Khulukazi Ndlovu (39), ngecala lokubulala.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko ozayo ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili. UNdlovu uboshwe ngoLwesihlanu emini ngemva kokubuya kwamasampula olibofuzo. Kwakhishwa incwadi egunyaza ukuba aboshwe ngoba uphenyo lwamaphoyisa lukhomba yena.
UNksz Esihle Nqeketho, ongudadewabo omncane kamufi, ufanise ukubulawa kukaNkk Ndlovu njengokuphucwa abazali bakhe okwesibili. Uchaze uNkk Ndlovu ngensika yomndeni ebinothando ilangazelela ukusiza njalo.
“Asisenabo abazali, bese kunguyena omdala esithembele kuyena ukuthi asenzele izinto. Ubesondeze umndeni wakhe ndawonye, ewukhathalele,” kusho uNksz Nqeketho echaza umufi.
Ufuna umsolwa anganikwa ibheyili, aqule icala engaphakathi ejele bese enikwa isigwebo esiqinile.
“Ukube kusekhona isigwebo sentambo bekumele anikwe sona ngoba akagcinanga ngokubulala usisi, waphinde wamshisa okuyisenzo esibuhlungu,” kusho uNksz Nqeketho.
Uthe manje basezinhlelweni zamalungiselelo okuyongcwaba umufi kubo eMthatha, e-Eastern Cape.
UNkk Ndlovu wagcina ukubonakala ephila ngo-Ephreli 2 emuva kwengxabano nelungu lomndeni asondelene nalo.
Amaphoyisa athola iKia Picanto emhlophe ishe yawumlotha namathambo omuntu phakathi ayengaziwa ukuthi angakabani.
Umndeni kamufi wavula icala lokulahleka kwakhe emaphoyiseni asePhoenix kwaqala uphenyo.