UNOBHALA Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe abaholi bezinyunyana abayeke ukuba wohlohlesabo kodwa kumele balwele amalungelo abasebenzi.
UVavi ubekhuluma engqungqutheleni ye-General Industries Workers Union of South Africa (Giwusa), ebise-Germiston, eGauteng, ngempelasonto.
“Izinyunyana ziphelelwe ngamandla ngenxa yethu baholi bazo. Sidlala ipolitiki yesisu, sivune abantu esihlomula kubo yize bengabenzeli lutho abasebenzi. Sekuyisikhathi sokuthi sakhe kabusha izinyunyana, siyeke nokuqembukelana ngoba uthola ukuthi enyunyaneni eyodwa sekunezinhlangothi ezimbili. Omunye udonsa abhekise le, nomunye aye le. Ayibasebenzeli leyo nto abasebenzi,” kusho uVavi.
Uthe kuyimanje kuneqeqebana eselifuna ukuqala izinyunyana ezintsha emuva kokuhluleka ukusiza abasebenzi ezinselelweni ababhekene nazo.
“Akufanele sincenge abaholi abangafuni ukusebenzela abasebenzi. Izinyunyana ngezabasebenzi, kufanele zibalekelele ukuba nempilo engcono. Njengoba anda amaqembu epolitiki nezinyunyana ziyanda kwazise kunabaholi asebefuna ukuhlohla izisu zabo. Bafuna ukuvula izinyunyana ezidlelana namaqembu athile ngoba banezinhloso zabo, hhayi ukuthi bafuna ukuqhuba umzabalazo wabasebenzi,” kuchaza uVavi.
Uthe inkulumo yakhe akufanele isetshenziswe ngabaholi abafuna ukuqhoqhobala izikhundla ezinyunyaneni kodwa bengabasebenzeli abasebenzi.
“Kuyimanje izinga lempilo liyabiza, imalimboleko iphezulu, amaholo awanyuki ngendlela efanele. Izinyunyana kufanele ukuthi zilwe nale nkinga. Akufanele zilume ziphephetha ngoba zincenge izikhundla kuhulumeni, kufanele zigxeke futhi zize nesisombululo,” kusho yena.
Uthe njengoba sekunohulumeni wokubambisana kwamaqembu, izinyunyana kufanele zilwe kakhulu kunakuqala ngoba kulo hulumeni kugcwele ongxiwa abacindezela abasebenzi.