AWAWUVALI umlomo amalungu omphakathi waseMadadeni, eNewcastle, kulandela isigameko sokumbiwa kwesidumbu sethwasa egcekeni likagobela owayelithwasisa.
Kuthiwa ithwasa selokhu lanyamalala ngoFebhuwari 2021 kanti abantu okuthiwa baveze umkhondo yizingane zalo ithwasa ezazineminyaka emithathu nemihlanu ngaleso sikhathi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Lindani Ximba, lithe abantu ababhoboze ithumba yizingane zikamufi okuthiwa zazikhona ngesikhathi unina ebulawa, egqitshwa endlini.
“Ngaleso sikhathi eyodwa yayineminyaka emithathu, enye ineminyaka emihlanu,” kusho uXimba.
Uthe kuthiwa bezilokhu ziyiveza le nto izingane kodwa engekho onakayo kangako njengoba bekubonakala ukuthi zincane kakhulu.
“Kuze kwaba kamuva nje ngesikhathi elinye ilungu lomphakathi linquma ukuthi ike ithathelwe izinyathelo le nto elokhu ikhulunywa yizingane, ikakhulukazi njengoba kungacaci ukuthi lona wesifazane wanyamalala washonaphi,” kusho uXimba.
Uthe umphakathi ubuthane kulo muzi kwagujwa ngesikhathi abanye beyobikela amaphoyisa.
“Sitholakele ngempela isidumbu, baboshwa abasolwa,” kusho uXimba.
Uthe kungokuqala bebona into efana nale endaweni.
“Namanje sisashaqekile. Asikaze sibe nesigameko salolu hlobo endaweni. Umphakathi usathuka ngendaba yalo muntu osebenza ngamakhambi esintu,” kusho yena.
Uthe abasolwa bafika bezoqasha eminyakeni edlule kodwa kwathi uma kudlula umnikazi womuzi, baqhubeka nokuhlala. Kuthiwa bese benzela umsebenzi wabo wokusiza abantu ngesintu kuwo, bethwasisa.
Uveze ukuthi ithwasa akulona elasendaweni.
Isolezwe lithole ukuthi kusekhona ezinye izidumbu umsolwa asazoveza ukuthi wazigqibaphi njengoba kuvela ukuthi akusilo lodwa ithwasa asolwa ngokulibulala aligqibe.
UXimba uthe yize ezwa ukuthi kunezinkulumo ezivelayo emphakathini ezithi abasolwa basazokhomba lapho begqibe khona ezinye izidumbu kodwa bekungakabi bikho mbiko oqinisekiswa amaphoyisa awutholile.Imizamo yokuthola umndeni wethwasa ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aseMadadeni aphenya icala lokubulawa komuntu kulandela ukutholakala kwesidumbu somuntu singcwatshwe endlini.
“Kubikwa ukuthi ilungu lomphakathi lifike esiteshini samaphoyisa labika ngowesifazane oneminyaka engu-40 odukile.
“Lona wesifazane wagcina ukubonakala ngoFebhuwari 2021. Umgilwa kubikwa ukuthi washiswa, wabulawa wase egqitshwa endlini,” kusho uNaicker.
Uthe amaphoyisa anikele endaweni yesigameko afica amalungu omphakathi esevele emba.
“Nangempela kutholakale amathambo omuntu, amaphoyisa abopha abasolwa ababili, oneminyaka engu-40 noneminyaka engu-50 ngecala lokubulala,” kusho uNaicker othe kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni.