UBUMBONGI ngenye yezinhlobo zobuciko ezimqoka kakhulu nobubamba iqhaza ukwedlulisa umyalezo obalulekile ebantwini, futhi buqwashisa nomphakathi ngokumele ukugweme, nokho kuyakhathaza ukuthi izimbongi zingachumi ngobuciko.
Usho njalo uDkt Gcinile Thwala, othweswe iziqu zobudokotela kuleli sonto e-University of Johannesburg (UJ), ngocwaningo alwenzile olubheka izingqinamba ezibhekana nezimbongi, luhluba udlubu ekhasini ngokungenziwa ukuxazululula leyo nkinga.
Elandisa Isolezwe Ngempelasonto ngalolu cwaningo olusihloko sithi Ubunkondlo Obutholakala Ezinkondlweni ZikaNqobile Msawenkosi Duma: Inqanawe Yangempela, uthe uhlatshwe umxhwele wubuciko baleli ciko laseMlaza eningizimu yeTheku.
“Ngikhule ngivele ngizithanda kakhulu izinkondlo, kusukela ngisafunda emabangeni aphansi, okuthe sengizoqala lolu cwaningo ngazithanda izinkondlo zikaNqanawe, ngigculiswa yindlela azihlupha ngayo ngokucwaninga ngezindikimba ahaya ngazo, nomyalezo awedlulisa ngezinkondlo zakhe,” usho kanje.
Eqhuba, uDkt Thwala odabuka Osizweni, eNewcastle, enyakatho yaKwaZulu-Natal, uthe uqale ukwenza lolu cwaningo lweminyaka emithathu, ngo-2021 waze waluphothula ngonyaka odlule.
“Inhloso yami wukuveza ubumqoka bezinkondlo, ngiqhakambise ukubaluleka kwezimbongi emphakathini ukuzama ukuqeda inkinga yokubukeleka kwazo phansi, nokusalela kwazo emuva uma ziqhathaniswa namanye amaciko emhlabeni,” kusho yena.
Uthe kuyamkhathaza ukuthi namanje izikhungo eziningi zemfundo zisasebenzisa imiqulu yezincwadi zamaciko amadala, amanye awo angasekho emhlabeni, ekubeni ekhona amaciko anjengoNqanawe Yangempela, enza umsebenzi omuhle.
“Lokho kwakha isithombe esibi esenza kube sengathi amaciko amanje awanayo imisebenzi esezingeni eliphezulu, kanti akunjalo. Ngalolu cwaningo ngizoguqula konke lokho, ngenze umehluko ngolwazi esenginalo ngalokhu,” kusho uDkt Thwala.
Uthe uziqhenya kakhulu ngokuthi yena nozakwabo uDkt Nomfundo Mbatha, babe ngabokuqala ukwenza, baphothule ucwaningo lwabo lwezifundo zobudokotela ngesiZulu e-UJ.