UPHETHE ngezinyembezi izolo umzamo wobugebengu wokweba amakhebuli kagesi eduze nesiteshi sezitimela eMngeni eThekwini, ngemva kokuthi omunye umsolwa eshaywe wugesi.
Kube nomunyu kwabomndeni kaMnuz Lungisani Sithole (24), ohlala emijondolo eKenville, ngaseSpringfield Park, ngesikhathi bebona isidumbu sakhe silenga ezintanjeni zikagesi.
Uyise kamufi uMnuz Themba Sithole, oveze ukuthi badabuka KwaNongoma, uthe uthole umbiko ngesigameko ngesikhathi eya emsebenzini.
“Ngibikelwe ngomunye wabafana engingamazi ethi uLungisani ugaxele ezintanjeni zikagesi. Ngiphuthume khona, bengingakaze ngicabange ukuthi yena nabangani bakhe kukhona into abayenzayo ephathelene nokuntshontshwa kwamakhebuli. Ngakho ngishaqekile. Bengisambhekela umsebenzi lapho abezosebenza khona njengonogada, nakho-ke sekwenzeka lesi simo,” kuchaza uSithole.
Imizamo yokuthola okhulumela abakwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) uMnuz Zama Nomnganga, ayiphumelelanga kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali ocingweni.
Omunye wonogada okhulume neSolezwe ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe ekuseni bathole umbiko othi kunabathile abazama ukweba amakhebuli kagesi kule ndawo, okuthe uma befika bazithela phezu koyedwa wesilisa egaxele ezintajeni zikagesi.
“Kuthiwa bebebane, kanti kuthe uma kugaxela lo oyedwa abathathu babaleka. Ukwebiwa kwamakhebula kule ndawo yinto ejwayelekile yingakho sisola ukuthi nalo oshonile ubengomunye wabo. Sikhuluma nje awekho wonke amakhebuli ahamba phansi, kanti alinganiselwa kumamitha angu-5000 amakhebuli asentshontshiwe,” usho kanje unogada.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ukuqinisekisa isigameko.