IYINDABA egudwini emphakathi waseMariannhill, indaba yowesifazane owuthisha osolwa ngokuthumela izinkabi umyeni wakhe ngoba efuna amafa.
UNkk Gugulethu Mchunu (MaChonco), usolwa ecaleni lokubulala umyeni wakhe, uMnuz Jabulani Mchunu.
Owesifazane uvele kafushane eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesihlanu, icala lakhe lihlehliselwa uSepthemba 5 ngenhloso yokuthi afake isicelo sebheyile.
Kusolwa ukuthi uMchunu ubulawe ngosuku unkosikazi wakhe ayethe usavakashela ngalo kubo. Kuvela ukuthi kwangena abafokazi ababili bamdubula ehlezi namadodana akhe, waphelela khona lapho.
Umsolwa uboshwe nomunye wabesilisa, okusolakala ukuthi ubemthengile ukubulala uMchunu. Omunye umsolwa kuvela ukuthi usagcwele amathafa.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe ngoMgqibelo, lizwakalise ukudumala ngezinsolo ezibhekiswe kuNksz Chonco kwazise umndeni kamufi ubuzifela ngaye, umazi njengowesifazane onenhliziyo enhle.
Kwenzeka lokhu nje kuthiwa lo wesifazane ubeyintandokazi emndenini wendoda engaconsi phansi, kubatshwazwa uthando analo nekhono lakhe lokupheka.
Kuthiwa nezingane zendoda ubezinakekela, kube sengathi ngezakhe kwazise umkamufi wokuqala wadlula emhlabeni wabe eseganwa nguyena uNksz Chonco.
Kuvela nokuthi njengoba owesifazane osolwayo ewuthisha, wafundiswa wuyena umufi enyuvesi.
Umndeni utshele leli phephandaba ukuthi umufi uke wadliswa ushevu wokubulala amagundane, kwasolwa yena owesifazane. Ngaleso sikhathi kuthiwa umufi wagula wabangwa nezibi kodwa wavuka lapho wathi uyamthethelela umsolwa ngoba yena ungumzalwane.
UNkk Chonco kuthiwa ubese eqalile ukuthola amafa njengoba ebese ethole isamba semali kwa-Old Mutual nasebhange eCapitec. Umufi ubesebenza kwizicishamlilo ePinetown.