UTHEMBISE ukuthi uzovula izikhala ezintsha kuqashwe othisha ababhuquza emakhaya uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer.
Kudume ihlombe ngemuva kokuthi uNkk Frazer esho lesi simemezelo. Uthe bavumelene neNhloko yoMnyango uMnuz Nathi Ngcobo, ukuthi uma kukhona imali abayitholayo, kumele ifakwe ekuqasheni othisha.
“Sixoxile nenhloko yomnyango. Savumelana ukuthi uma kukhona uchatha esiwutholayo sizowufaka ekuqasheni othisha. Kumele sivumelane ukuthi ngeke siqale ngokuthi sibaqashe bonke, kodwa kancane kancane sizobaqasha,” kusho uNkk Frazer.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqutheleni yeNatu e-Olive Conference Centre, eThekwini.
Kuke kwaba nokuxokozela ngesikhathi ethi njengoba enguthisha, uyazazi izinkinga ezibhekene nabo.
Kuke kwaba nenxokozela ngesikhathi ethi njengoba enguthisha, uyazazi izinkinga rzibhekene nabo. Uthe uyabazi ubunzima bokufundisa ikilasi elinabafundi abangu-70, kusazongena nabanye.
Uqhube wathi ukuncishiswa kwesabelomali kube nomthelela omubi kwezemfundo.
“Isishaye kakhulu eyeCovid-19, kwancishiswa isabelomali. Lokhu kwenza singakwazi ukuqasha othisha, nokuthi abahloli bavakashele izikole. Kunezikhala ezibalulekile ezingaphezu kuka-300 ezingavaliwe emnyangweni ngenxa yokuthi imali asinayo.”
Iyindaba egudwini eyokungaqashwa kothisha esifundazweni njengoba umnyango uhlale ukhala ngokuthi awunayo imali yokwenza lokhu.
UNkk Frazer ubuye wakhala ngothishanhloko abangawakhokheli amanzi nogesi.
“Kumele siyikhulume le nkinga esibhekene nayo, yokungakhokhelwa kwezidingo. Ngesikhathi abafuna ukuba wothishanhloko befakwa imibuzo besafuna izikhundla, bathi bayokwenza yonke into. Izikole zivalelwa amanzi nogesi okungakhokhelwa. Imali enikwe izikole kumele yenze izidingo ezifanele,” kusho uNkk Frazer.
Ukhale nangobugebengu obudla lubi ezikoleni.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi ivikele izikole. Kwebiwa amapayipi amanzi, kuvalwe amanzi angabe esaphuma. Kwebiwa ukudla kwezingane zingabe zisakwazi ukudla. Kunzima kabi ukufundisa ingane elambile, ukudla kwebiwe wumphakathi. Ukudla ngokwabafundi hhayi umphakathi.”
Uthe bazibekele ukuthi isifundazwe sithole ngaphezu kuka-80% emiphumelweni ka-matric.
UMnuz Sibusiso Malinga, ibamba likamengameli weNatu, uthe ziningi izinto abazokubhunga engqungqutheleni, okubalwa ukushoda kothisha abangaqashwa ngumnyango, ukugqoza kwengqalasizinda ezikoleni eziningi ezinye ezingenawo ugesi namanzi, ukuphepha kothisha ezikoleni nezinkinga ezibhekene nothisha.
“Kusasa (namhlanje) silindele uNgqongqoshe obambile weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha uMnuz Thulas Nxesi, esifuna akhulume ngendaba yamaholo abasebenzi bakahulumeni njengoba kusaxoxwa. NgoLwesihlanu ingqungquthela izovalwa nguNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga.”