UNGQONGQOSHE wezikaGesi omusha, uDkt Kgosientso "Sputla" Ramokgopa uthi uyazethemba ukuthi uzokuqeda nya ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Usho lokhu emva kokufungiswa kwakhe kulesi sikhundla ngokusemthethweni.“Yize noma lokhu engikuthembisayo kubukeka kuwumqansa kodwa ngiyakholwa wukuthi ngizokwazi ukukwenza,” kusho uRamokgopa.
Uthe yize engeke asheshe azibekele umnqamlajuqu okwamanje kodwa bazoveza ngokuhamba kwesikhathi, ukuze umphakathi ukwazi ukubabuza ngalokhu uma kungasenzeki.
Uveze ukuthi ezinye zezinhlelo zakhe wukuthi baqale baxazulule indaba yesikweletu i-Eskom enaso ukuze ngokuqhubeka kwesikhathi, bakwazi ukuthi babhekane ngqo nokulungiswa kwengqalasizinda kagesi.
Uthe usevele useqalile ukuba nemihlangano nezinhlaka ezehlukeni ngenhloso yokubhunga kabanzi ngezinselelo ezikhinyabeza ukusebenza kukagesi.
“Kweminye yemihlangano esivele isihleliwe ukuthi ngibe nayo, ngowokuxoxa nosomabhizinisi ngoba yibona abasebenzisa kakhulu ugesi futhi yibona abalekelela izwe ukufukula umnotho,” kusho yena.
Uthe kuyithuba eliyingqayizivele ukuhlangana nabo ngoba kubalulekile ukuzwa umbono wabo kulolu daba.Uqhube wathi ukusuka lapho uzobe eseqala umkhankaso wokuvakashela zonke iziphehlimandla zikagesi.
Uthe lokhu uzobe ekwenzela ukuthi ayohlola ukusebenza kwazo ngokwakhe.
“Sizobuye sihlangane nabalimi ukubhunga nabo ngoba babamba iqhaza elikhulu ukuqinisekisa ukuthi izwe linokudla okwanele,” kusho ungqongqoshe.
Uthe okwamanje akakafuni ukukhuluma ngenkohlakalo ngoba usafika emnyangweni.
Uveze ukuthi uzosebenzisana eduze noNgqongqoshe wezokuMbiwayo, uMnuz Gwede Mantashe noNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan.
Uthe isikhathi esiningi uzosichitha ezibambele yena mathupha ekuxazululeni izinkinga zikagesi.
“Okuzongisiza kakhulu wukuthi ngingunjiniyela, ngeke ngihlale ngilinde ukuthi ngichazelwe ngenkinga kodwa nami ngizokwazi ukuzitholela ngokwami ukuthi kwenzekani. Ngikulungele ukubhekana nalo msebenzi engijutshelwe kuwona,” kusho uRamokgopa.
Uphethe ngokuthi ukuqokwa kukangqongqoshe wezikagesi kukodwa akuxazululi izinkinga ze-Eskom kodwa ukusebenza kukangqongqoshe yikhona okuzoba yisixazululo kule ngwadla.