SEKUVELE ukuthi umkhwenyana wasoLundi, owashadelwa eneminyaka engu-16 nomakoti wakhe olingana naye, uthuthile kubo kulandela izinsolo zokungezwani noyise.
USiyacela Dlamuka ushadelwe ngo-Ephreli 2018, uThando uKaMathebula waseNkandla. UThando ufunda uGrade 10 esikoleni esikhona oLundi.
Isolezwe lithole ukuthi umkhwenyana uthathe umkakhe babaleka ekhaya.
Bahlezi eThekwini koninalume.
NgeSonto kuthintwa uyise kaSiyacela, uMnuz Mthandeni Dlamuka, uthe kungamanga okukhulunywa abantu ukuthi indodana yakhe ibalekile ekhaya ngenxa yezinkinga ezithize yayohlala koninalume eThekwini.
“Kungamanga aluhlaza okukhulunywa abantu, bavakashile eThekwini koninalume njengoba kuneCorona. Kuyothi uma isiphelile bese beyabuya ngokwazi kwami. Ngabe sekwenzeka okunye-ke uma bengabuyi. Yilokho engingakusho,” kusho uDlamuka.
Ecelwa ukuba axhumanise Isolezwe nezingane zakhe njengoba zinezinombolo ezintsha, uthe akathandisisi ukuba kukhulunywe nabo engekho ngoba basebancane.
UDlamuka ube esekhipha inombolo kaSiyacela ukuba athintwe ukuze aziphendulele.
Kuthintwa uninalume kaSiyacela, uMnuz Njabulo Shezi, uthe uyazi ngodaba lokuthutha komshana wakhe kubo.
“Ngiyazi ukuthi uthuthile kubo kulandela izinkingana ezibe khona. Angikwazi ukukhuluma ngazo ngoba uyise okumele azisho. Kuzoba sengathi ngilwa noyise. Udaba ngiyalwazi,” kusho uShezi.
Uthe ukude nomshana wakhe ngakho akulula ukuba kukhulunywe naye wacela ukuba aphinde athintwe noma ngosuku olulandelayo ngoba ucingo okungakhulunywa ngalo noSiyacela olwakhe uShezi.
Umthombo osondelene nodaba uthe uSiyacela kuningi abangazwananga ngakho noyise ikakhulukazi njengoba eseshadelwe nje. Okunye okuvelile ukuthi umkhwenyana bese engena ezintweni ezithinta ubugebengu yize umthombo ungazange unabe ngalokhu. Isolezwe alizange lizwe ukuphawula kukaSiyacela kulezi zinsolo.
USiyacela uthe akulona iqiniso ukuthi yena uhambile kubo ngoba engezwene noyise kodwa okwamanje useThekwini ukuze azame ukuthola isikole.
“Izimfamona ezikhipha izindaba ezingelona iqiniso ngami. Siyezwana nobaba asixabene. Namanje kade ngikhuluma naye. Okwenze ngenza eThekwini ngufuna isikhungo seFet engizofunda kuzo ngoba angisayi esikoleni. Kuzothi uma kuphela iCorona unkosikazi wami uzobuyela ekhaya. Ayoqhubeka nokufunda,” kusho uSiyacela.
Uthe abantu ababikela iphepha ukuthi uyeke isikole usazobabamba ngoba wayenezinkinga ngosiko okwenza angaqhubeki nesikole.
Uthe impilo yakhe ufuna ibe ngcono yingakho esekhethe ukusuka kubo aye eThekwini.
“Uzobona kuzophela unyaka sengihamba ngemoto, abantu bazomangala ukuthi kwenzeke kanjani,” kusho uSiyacela.
Lezi zithandani zaba sematheni zithembisana umshado zineminyaka engu-16 kwaba nendumezulu yomshado ngo-2018. Zagcina zinohlelo olwalubizwa ngokuthi Isencane Lengane kwiMoja Love.
Ngonyaka odlule Isolezwe labika ukuthi uSiyacela wasilaxaza isikole ekhala ngokuhlaselwa ubuthongo ekilasini. Wayefunda uGrade 9, eNdlovana High.
Uyise wahluleka esemshaya, kwanhlanga zimuka nomoya waze wamyisa emaphoyiseni ethi awamyale ukuze abuyela
esikoleni.