INTATHELI YESOLEZWE
KUGQUGQUZELWA abantu ukuba bajove izinja zabo ukuze zingabi namarabi njengoba namhlanje kuyi-World Rabies Day yokuqwashisa ngalesi sifo.
Ngokocwaningo lodokotela bezilwane baseNyuvesi yasePitoli, amarabi abulala abantu abangu-600 000 emhlabeni ngonyaka.
USolwazi Louis Nel womnyango weMicrobiology and Plant Pathology kule nyuvesi usekhaleni lomkhakhaso obizwa nge-Global Alliance for Rabies Control (GARC).
UNel unohlelo lokusiza amazwe ase-Afrika ukuba alwe nenkinga yamarabi.
Ubuye afundise umphakathi ngokubaluleka kokugoma izinja ukuze zingabi namarabi, abhale nezincwadi ezibahlomisa ngolwazi lokuthi benze njani uma belunywe yizinja ezingagonyiwe.
Uthe akuzona kuphela izinja ezidinga ukugonywa kodwa namakati nezinye izilwane ezifuyiwe kumele zigonywe.
UNel uzovakashela izikole afundise izingane ngama-rabi nokubaluleka kokugoma izilwane.
Ulwazi ngomkhankaso wakhe lutholaka kwi-website ethi www.rabiesalliance. org.
Ungazivikela emarabini ngokuthi ugome izilwane zasekhaya okuyizinja namakati:
n Ungalokothi uthinte inja egulayo ongayazi.
n Bikela ababhekelele izilwane uma kukhona inja ezulazula ngalapho uhlala khona.
n Phuthuma esibhedlela uma ulunywe yinja.