SEWUPHENDUKE indawo yomjolo nokuzitika ngocansi ulayini ozohamba amabhasi emgwaqeni uDumisani Makhaye Drive.
Lo mgwaqo owakhiwe ngo-R1.3 billion, usanda kuvulwa wuMengameli uMnuz Jacob Zuma.
Umzila okugilwa kuwona le mikhuba wophakathi nendawo ozohamba amabhasi njengoba ungakasebenzi.
Isolezwe ngeSonto lilunywe indlebe abagijima kuwona ekuseni nantambama bekhathazekile.
Bathi uma begijima beqa itshe le ntaba, amakhondumu asesebenzile, amabhodlela afile namatshe.
Omunye wabagijimi ocele ukungadalulwa, uveze ukuthi uma kuvulwe izikole, ngaKwaDabeka kugcwala abafundi besilisa nabesifazane abeqayo bazojola kuwona.
Leli phephandaba libe selinikela khona ukuze lizibonele okunye okushiwoyo.
Kuwo lo mgwaqo ngaKwaMashu lifice kunamaphepha amakhondomu, amabhodlela abulawelwe emgwaqeni, amaphepha eKFC, amatshe, izingubo ezindala zokugqoka nezokulala ezigxishwe emapayipini amanzi.
Abagijimi asebezivocavoca khona bathi yingoba abaphazanyiswa yizimoto.
Abafana abancane sebewuphendule inkundla yebhola.
Abaficwe bedlala ibhola bathe kuphephile njengoba zingekho izimoto ezihamba kuwona. Elinye lamalungu omphakathi elingathandanga ukudalulwa, lithe lo mgwaqo uphinde usetshenziswe ngabantu abasuke bezijolela njengoba bake babonakale begonene kuwona.
“Ngicabanga ukuthi yingoba basuke bebona kuphephile abajolayo ukuzozihlalela khona njengoba uma usungene kuwona uphephile kanti awube usabonwa, ungenza noma yini. Ubathola begonene bewotawotana khona,” kusho leli lungu.
Zimbalwa izindawo ezifakwe izisefo kuwona ezivulwa uma kukhona into ebhajiwe phansi emapayipini amanzi. Nazo lezi zisefo aziyona insimbi njengoba kulindelekile emgwaqeni, kodwa zakhiwe ngo-plastic. Lokho kwenza abantu bakwazi ukuzigudluza kalula.
Phansi emapayipini kukhona izipontshi zokulala namaduvethi kwamanye okwenza kube nezinsolo zokuthi kukhona abalala khona.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha ukuVikela nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Kwanele Ncalane uthe ulayini wamabhasi ungaphansi kukaMasipala weTheku.
“Abakamasipala abangaphawula ngokuphepha kwalo layini. Nathi sizoxoxisana nabo ukuzwa ukuthi zikhona ezokuphepha ezihlelelwe wona. Nomphakathi siyawunxusa ukuthi ungawucekeli phansi lo layini ngoba wenzelwe umphakathi,” kusho uNcalane.