UKHOMBA ngenjumbane osonhlalakahle ngokungamniki usizo abeludinga umzali olahle ingane yakhe izolo e-Oaklands, eVerulam.
Lolu lwazi lusencwadini encane lo mzali ayibhale ngesiNgisi, wayishiya nalo lolu sana olunezinyanga ezilinganiselwa kwezine ubudala alulahle esikhotheni.
Encwadini lona wesifazane utshela noma ubani ozothola usana ukuthi angamehluleli.
“Ungangehluleli. Ngikhulume kabili nosonhlalakahle kodwa bathatha isikhathi eside ukungisiza. Ngiyazi ukuthi engikwenzile kubukeka kukubi kodwa akukho ebengingakwenza,” kusho umbhalo osencwadini.
Uqhube wagxeka uhlelo lukahulumeni lokuhushulwa kwezisu.“Izibhedlela sezaba nemithetho eqinile,” kubhalwe encwadini.
Kuyo le ncwadi, lona wesifazane unxusa lowo ozothola usana lwakhe ukuthi angalokhu ezibuza imibuzo eminingi ngesenzo sakhe.
“Ungalokhu uzibuza imibuzo yokuthi kungani ngimlahlile umntanami, msize uma ungakwazi noma uxhumane neziphathimandla,” kubhalwe encwadini.
Ngokusho kokhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, le ngane itholwe ngowesilisa obeyokha umango.
“Lona wesilisa uthole lolu sana eduze komfula osendaweni, oseduze kwenkundla yebhola lezinyawo ngesikhathi eyokha umango,” kusho uBalram.
Uthi eduze kosana bekukhona isikhwama esinamanabukeni, ibhodlela lobisi, idamu nencwadi okukholakala ukuthi ibhalwe ngunina wengane.
UBalram uthi bona bathintwe ngumqashi walona wesilisa ebazisa ngokutholakala kwengane.
Uthi bathumele abezimo eziphuthumayo beRusa, abafike bahlola isimo sengane, bathola ukuthi isesimeni esikahle.
Uthe bazozama ukuthola ulwazi lokuthi ingane ngekabani.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Mhlaba Memela, uthe bangakuqinisekisa ukuthi kukhona ingane etholwe eVerulam izolo ekuseni.
Uthe isikhalazo esenziwe encwadini ebhalwe ngokusolwa ukuthi ungunina wengane, bayasiqala emnyangweni.
“Ihhovisi lethu elisendaweni kalinalwazi ngesikhalazo esenziwe encwadini. Awekho amarekhodi owesifazane ofike ezofuna usizo oluthile kodwa wangalunikezwa,” kusho uMemela.
Uthe yize kunjalo, umnyango uzokwenza uphenyo ngezinsolo ezenziwe encwadini ukuze bathole kahle ukuthi yiluphi usizo unina wengane athi walucela kosonhlalakahle kodwa wangaluthola.
“Siyawunxusa umphakathi ukuthi uxhumane nomnyango uma ubona ukuthi awusakwazi ukunakekela izingane zawo,” kusho uMemela, othe umnyango uhlale uvule izandla ukuthi uzithathe izingane unikele ngazo kwabazidingayo, noma uzigcine kuze kuba wukuthi isimo umzali asuke ebhekene naso ngaleso sikhathi siba ngcono.
Uthe bayamnxusa unina wengane ukuthi eze kubona ukuze anikezwe usizo aludingayo.
Uphethe ngelithi bayajabula ukuthi ingane ayizange ishone kodwa ithole usizo ngesikhathi esifanele kanti bayababonga bonke abasizile kulesi sigameko, wathi njengamanje igcinwe esikhungweni iVerulam Child Welfare and Family Society.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokulahla usana esiteshini samaphoyisa eVerulam.
Uthe usana olunezinyanga ezine lutholwe esikhotheni izolo ekuseni eVerulam.
Uthe udaba lusaphenywa.